Ezempilo | 12
Friday, 16 Mayy 2025
Uwusizo lwesimanje lwamadoda abhekene nokungavuki kwenduku
Ezempilo noDkt Thabile Mthembu
NGOKWEJWAYELEKILE, izindaba zezempilo zamadoda kazivamile ukuxoxwa kuvulelekwe ngazo, ikakhulu uma zihambisana nokusebenza kwesitho sangasese.
Kodwa njengoba izinga lezobuchwepheshe besimanje kwezokwelapha lenyukela, sekukhona ithemba elisha.
Omunye wemishanguzo ewundabamlonyeni,
yiP-Shot noma yiPriapus Shot, esiza kakhulu kwabesilisa enkonzweni yasekamelweni.
Iyini i-P-Shot?
I-P-Shot yindlela yesimanje yokwelapha kusetshe-nziswa igazi lomuntu uqobo ukuze kusizwe ukuvu-selela amamaseli omzimba, ikakhulu angasebenzi kahle esithweni sangasese sowesilisa.
Le ndlela isebenzisa i-PRP (Platelet-Rich Plasma), ehlukaniswa egazini bese ifakwa ngemuva kokuhluzwa, ifakwe esithweni sangasese ukuze kuvuseleleke izicubu ezingasasebenzi kahle.
Kungani amadoda enza i-P-Shot?
Iningi lamadoda elilandela lolu hlobo lokwelashwa, libhekene nenkinga yokuwa kwenduku (erectile dysfunction), ukungakwazi ukugcina isitho siqine isikhathi esanele, noma ezinye izinkinga ezifana nokungabi nokwaneliseka ocansini.
Kukhona abathi i-P-Shot ibasize kakhulu ekubuyiseleni ukuzethemba nokukhuphula umuzwa ngesikhathi sokuzijabulisa enkonzweni yasekamelweni. Isiza ukuthi igazi ligijime kahle emzimbeni, yenyuse umdlandla wocansi nokuqina kwenduku.
Ngoba i-P-Shot isebenzisa igazi lakho uqobo, amathuba okuba kube nezinkinga emzimbeni mancane kakhulu. Kodwa-ke, kubalulekile ukuthi yenziwe nguchwepheshe oqeqeshiwe kwezokwe-lapha, ngoba ukushalazela imigudu efanele kungadala ukulimala nokungaphumeleli kokwelashwa.
Njengoba silokhu siqhubekela phambili kwezobuchwepheshe, amadoda kufanele azazi izindlela ezahlukene zokunakekela impilo. Ukukhuluma ngezinkinga ezithinta wona akusiyo into okufanele siqhubeke siyifihle.
I-P-Shot ingenye yezindlela eziveza ukuthi impilo yamadoda ingavuselelwa ngendlela evikelekile, kusetshenziswa umzimba wakho uqobo.
Uma ufuna ukuthola ulwazi olwengeziwe, xhumana neThe Blue Clinic, ukuze sikwazi ukuhlinzeka ngemininingwane enokwethenjwa.
Qaphela: Lo mbhalo kawusho ukuthi wonke amadoda kufanele ayosebenzisa i-P-Shot. Kumele kube ngokubonisana nodokotela oqeqeshiwe.