Izindaba | 06
Friday, 16 May 2025
NGUMUFI uNqubeko Buthelezi obefunda uGrade 11, KwaNomathiya Technical High School, KwaSomkhele, eMtubatuba.
Mthobisi Sithole
Umbango wentombi esikoleni ukhiphe isidumbu
IKHIPHE isidumbu impi yabafundi baKwaNomathiya Technical High School, KwaSomkhele, eMtubatuba ngoLwesithathu ntambama.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa kunombango wezigodi omdala, kodwa okukhiphe isidumbu, kungenxa yentombazane ebibangwa. Kubikwa ukuthi umufi uNqubeko Buthelezi obefunda uGrade 11, ubengesiyona ingxenye yabalwayo, kodwa ubezwana nabasembangweni wentombi.
Kuthiwa impi iqale esikoleni, bayilamula othisha, kuthe uma kuphuma isikole, yasuka, okuyilapho egwazelwe khona uNqubeko ngaphandle kwesikole, washonela endaweni yesigameko.
Umthombo weLANGA Lempelasonto, uthi ukulwa kwabafundi ngokwezigodi kujwayelekile, kodwa okwenzeke ngoLwesithathu kuwushaqisile umphakathini.
"Umfundi ogwaziwe ubengesiyona ingxenye yempi, kusolakala ukuthi kulaba abebelwa, kukhona abuye ahambe nabo, okungenzeka ukuthi bebekhiphela kuyena ukucasuka kwabo. Umfundi ufele khona lapho," kusho umthombo.
Kuthiwa umfundi obangwayo ufunda kusona lesi sikole. Ngokusho kwabantu ababonile kwenzeka lesi sigameko, kuthiwa lona obeshaywa akabuyiselanga wabe esethinta asondelene nabo. Kuthiwa lesi sigameko senzeke eduzane nesikole.
"Le mpi ibisihlanganisa nabantu okungesibona abafundi, kodwa ukulwa kwabo bekuthinta abafundi bakulesi sikole. Ngesikhathi bevimbana, abanye babalekile. Lona oshonile akabalekanga, bamgwaze washonela khona lapho.
"Othisha bafike selidume ledlula, isilele phansi ingane, ingasekho emhlabeni. Sidumele ngoba iyethusa le nto eyenziwa yizingane," esho.
Imizamo yokuthola isigungu sabazali bakulesi sikole kayiphumelelanga.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambik uthi badlulisa amazwi enduduzo emndenini, kothisha nakubafundi.
"UMnyango wezeMfundo udlulisa ukudabuka ngokwenzekile," esho.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal, athunyelelwe imibuzo ngalesi sigameko.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakasiqinisekisi.
mthobisis@ilanganews.co.za