Izindaba | 04
Friday, 16 May 2025
NGUMNU Bheki Cele owayengungqongqoshe wamaphoyisa.
Lucky Cain
'Ngangingeke ngivume ukuboshelwa uZuma' ~ Cele
OWAYENGUNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnu Bheki Cele, uthi wayengeke avume ukuboshelwa uMnu Jacob Zuma kulandela isinqumo senkantolo yomthethosisekelo sokulahla uMsholozi ngecala lokunqaba ukuvela phambi kwekhomishana yokugwanyandwa kwamandla ombuso, eyayenganyelwe yiNhloko yamajaji uMnu Raymond Zondo (osesithombeni esingezansi).
UCele ubekhuluma kwi-podcast kaSizwe Mpofu lapho ebechaza khona ngosuku lwamanqamu okwakumele aboshwe ngalo uZuma, lwangomhla ka-7 kukuNtulikazi (July) 2021, kulandela isinqumo seJaji uZondo.
Echaza ngalolu suku olwaba wundabamlonyeni uCele, uthi izingxoxo zokunxenxa uZuma ukuba azinikele emaphoyiseni, zathatha usuku lonke njengoba kwakulokhu kuvela ukuthi uzozinikela ngehora elithize, kodwa kungenzeki.
UCele udalule ukuthi ngalolu suku, zonke izikhulu zamaphoyisa eziqhamuka ePitoli, zase zijutshwe KwaZulu-Natal, ngenhloso yokuzobopha owayengumengameli wezwe, nokwakuzoba yisigameko esinzima kakhulu emlandweni waseNingizimu Afrika.
Uthi ngesikhathi ziqhubeka izingxoxo zokunxenxa uZuma, baze bajuba nomzala wakhe ayesondelene naye, ukuba ayomcela ukuba azinikele.
"Wabuya wasitshela ukuthi usevumile uzozinikela, kodwa sashaya saze sedlula isikhathi ayeveze ukuthi uzozinikela ngaso. Saphinde samthinta umzala wakhe, waqinisekisa ukuthi umshiye eselungiselela ukuphuma," echaza.
UCele uqhube ngokuthi kwakuwusuku olunzima nakuyena ngoba kwakumele abophe uZuma (osesithombeni esingenhla), oke waba ngukhoma-nda wakhe ngesikhathi esengaphansi koMkhonto weSizwe.
"Isinqumo senkantolo sasikubeka ngokusobala ukuthi uma behluleka wukubopha uZuma, ungqongqoshe wamaphoyisa nawobulungiswa kumele kuboshwe bona," kuchaza uCele, enezela ngokuthi wayengeke avume ukuya ejele.
Isinqumo senkantolo sasiveza ukuthi uZuma kumele kushaye phakathi kwamabili esengaphakathi ngomhla ka-7 kuJuly 2021, eseqala isigwebo sakhe sezinyanga eziwu-15 esejele.
UCele uveze ukuthi lase liqokiwe ithimba elabe lizobopha uZuma njengoba lase litsheliwe ukuthi uma kugamanxa ihora lika-11, kumele liqale lisondele ngasemzini wakhe oseNkandla.
UCele utshele uSizwe ukuthi kwakuzoba yisigameko esibuhlungu kakhulu ukuba leli thimba lagcina lizifikela kwaZuma lizombopha.
UZuma wagcina ezinikela ejele lase-Estcourt ngalobu busuku, njengoba izimoto zakhe zabonakala ziphuma kwakhe sekuyogamanxa ihora lesishiyagalolunye.
UCele uveze ukuthi kwehla amaphaphu ngesikhathi esetshelwa ukuthi nazi izimoto zikaZuma seziphuma, okwakuchaza khona ukuthi useyozinikela.
"Ngabonga uNkulunkulu. Kangiyena umuntu othandaza njalo, kodwa ngaleliya langa ngambonga," esho ehleka kancane.