Izindaba | 02

Friday, 16 May 2025

Ezifingqiwe


01


Ubhekwe ngabomvu umhlangano kaRamaphosa noTrump

Image

ULINDELWE ngabomvu umhlangano kaMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, noMengameli wase-United States (US), uMnu Donald Trump (abasesithombeni).

URamaphosa noTrump bazohlangana ngoLwesithathu eWhite House, eWashington DC, lapho kulindeleke ukuba babe nezingxoxo ezimayelana nokuqinisa ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe.


Umhlangano walaba baholi wenzeka ngesikhathi esibucayi njengoba kusukela uTrump engene esikhundleni, buphenduke bamuncu ubudlelwano. UTrump uze wahoxisa ngisho uxhaso obelukhishwa yiMelika, lulekelela ezinhlelweni zezempilo kuleli.

UTrump usabise nangokuthi ngeke alubeke eNingizimu Afrika ukuzokwethamela umhlangano osemqoka wabaholi bamazwe ayingxenye yeG20, ozokuba ngoLwezi (November) nonyaka.

Usole iNingizimu Afrika ngokuthi ihlukumeza futhi icwasa amaBhunu, aphucwa nomhlaba wawo.


                      02


Image

Kuzophenywa ngokukhishwa
ngendluzula kowe-EFF

I-EFF ifuna kuphenywe ngesenzo sikasihlalo wekomidi lezeMfundo ePhakeme, sokunxusa onogada bePhalamende ukuba bakhiphe ilungu layo ngesikhathi lifuna izimpendulo ngokuqokwa kwendodana kaMnu Gwede Mantashe kwelinye lamabhodi eSeta.

UMnu Sihle Lonzi (osesithombeni esingenhla), oyilungu laleli qembu ePhalamende, ukhishwe ngendluzula ngemuva kokufuna izimpendulo kuMqondisi Jikelele woMnyango wezeMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa, uDkt Nkosinathi Sishi.

I-EFF isigxekile lesi sigameko, yabe isiphakami-sa ukuthi izofuna iPhalamende liphenye ngokuziphatha kukaSihlalo waleli komidi, 
uMnu Tebogo Letsie.


03


UMnyango wezeMpilo uhlela ukuvala izikhala ezavuleka kuphela uxhaso lweMelika

Image

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi (osesithombeni esingenhla), ukuqinisekisile ukuhoxiswa koxhaso lweMelika ngaphansi kwe-PEPFAR ne-USAID.
Uthe ngeke ziphazamise izinhlelo zomnyango, ikakhulukazi eze-HIV/Aids.


UMotsoaledi ubekhuluma ngoLwesine, lapho ebecacisa khona ngezinhlelo zomnyango zokugcina lezi zinhlelo zisebenza, futhi abantu abaphila ngemishanguzo bangaphazamiseki ekutholeni imishanguzo yabo.

Uthi nakuba ukuhoxiswa koxhaso sekube nomthelela ongemuhle, oholele ekulahlekeni kwemisebenzi ewu-8 000, kodwa umnyango uyaqhubeka nemizamo yokuhlenga imisebenzi engaphezu kuka-7 000, esele ngaphansi kwezinhlelo ebezixhaswe yiMelika.

UMotsoaledi uthi umnyango uphezu kwemizamo yokuthi izikhala ezivulwe wukuhoxa koxhaso ziyavaleka ngaphambi kokuphela kwalo nyaka.


04


Usenkingeni uGroenewald ngokunyamalala kweziboshwa

Image

USENKINGENI uDkt Pieter Groenewald (osesithombeni esingenhla), onguNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, ngendaba yokunyamalala kweziboshwa kwelinye lamajele amakhulu eNingizimu Afrika.

I-DA ifuna uGroenewald ukuba achaze ukuthi zinyamalale kanjani iziboshwa ezintathu eziyingozi, ePollsmoor Maximum Security, eKapa.

Kubikwa ukuthi ezimbili zalezi ziboshwa, zigwetshelwe amacala okudlwengula nokubulala.