19 | Ezemidlalo
Friday, 16 January 2026
Uthi ubazi ukuthi ibhantshi lizogcwala umoya kuyena uma edliwa yiNigeria koweSemi Final
NGU-WALID Regragui ongumqeqeshi weqembu lesizwe laseMorocco.
Senzo Sokhela
USINDE ezembeni umqeqeshi weqembu lesizwe laseMorocco okuthiwa unuka iqaqa kubalandeli baleliya lizwe, yize iqembu lakhe lenza kahle.
IMorocco idlulele kowamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) emuva kokuba iguqise ngo-4-2 wamaphenathi iNigeria ngoLwesithathu ebusuku, emdlalweni obuphele zibambene ngo-0-0.
NGUMQEQESHI weMorocco uWalid Regragui enika imiyalelo umdlali wezakhe u-Adam Masina.
IMorocco izobhekana neSenegal kowamanqamu ngeSonto ngo-21h00 ebusuku. Umqeqeshi weMorocco uWalid Regragui ekhuluma emuva komdlalo weNigeria, uveze ukuthi uye kulo mdlalo izembe lihleli entanyeni njengoba ethi ukube wehluliwe, ubezokhonjwa indlela.
"Ngijabule ngoba sifinyelele kowamanqamu yize bekunzima. Okungizwisa ubuhlungu wukuthi izwe lethu lenza kahle kodwa kunabantu abangagculisekile ngomsebenzi wami.
BABHEKE ukuphinda bajabule kanje abadlali beMorocco ngemuva komdlalo wamanqamu we-Afcon abazowugijima neSenegal ngeSonto ebusuku.
"Yebo ngibile namaphutha kweminye imidlalo kodwa okuhle wukuthi kasizange sehlulwe. Kodwa-ke akusenani, okumqoka njengamanje wukuthi lo mdlalo wamanqamu siwunqobe.
"Emva kwalokho bayobe sebenquma ngomqeqeshi abafuna ukumuletha.
Ngeke ube lula umdlalo weSenegal ngoba ngisho idlala, uyayibona ukuthi igcwele ukuzethemba, futhi inabadlali abanesipiliyoni.
Kodwa-ke sizokulwela ukuthi singabaphoxi abantu bakithi, siwunqobe lo mdlalo.
Kuzofanele sikusebenzise ukuthi sisekhaya,'' kusho uRegragui.