17 | Ezemidlalo
Friday, 16 January 2026
Mfanafuthi Ndlovu
UBALISA ngokuzitshwa ngabanye abaphathi bamakilabhu aKwaZulu-Natal adlala esigabeni esiphezulu uMlungisi "Professor" Ngubane ozakhele udumo ebholeni ngeminyaka yama-80s, edlala kwiDurban Bush Bucks.
UNgubane usungule isikhungo sokuthuthukisa amakhono ngenhloso yokuvulela abadlali abasakhula ithuba. Lesi sikhungo, esibizwa ngeMlungisi Professor Ngubane Soccer Academy, sizinze eMontclair, eThekwini.
NGU-PROFESSOR Ngubane ematasa nokucija abafana esikhungweni sakhe esiseMontclair, eThekwini.
UNgubane uthi usezame kaningi ukuxhumana namanye amakilabhu akulesi sifundazwe ukuba anike abadlali bakhe ithuba, kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Uthi yiLamontville Golden Arrows eholwa nguMato Madlala namaZulu FC abangacucuzi ukuthatha abadlali bakhe.
"Kuyaye kungiphathe kabi ukuthi abanye abaphathi bamakilabhu esifundazweni bayasichizela kepha i-Arrows yona iyakwazi ukusivulela izandla. Kakukho kuhle ukuthi singabadlali abadala sihlale silinde uhulumeni ukuba usisize, kufanele sisukume sivundulule amakhono," esho.
Uveze ukuthi ngoMgqibelo kuya ngeSonto ngo-09h00, eMontclair Sports Grounds, eThekwini isikhungo sakhe sizokuba nenhlolokhono.
"Ngidinga abadlali abazalwa ngo-2008 kuya ku-2009. Ngicela baphathe izinto zokudlala, izitifiketi zokuzalwa nomazisi. Akukhokhwa mali. Bangafika nabazali babo ukuzokwethamela le nhlolokhono."
UNgubane ubuye wanxusa izinkampani ezinkulu ukuba zifake isandla ezinhlelweni abanazo zokuvusa ithalente, kwazise sebekhiqize inqwaba yabadlali abanye asebegijima kwiBetway Premiership.
"Kukhona omunye wabadlali osanda kuthathwa ngamaZulu FC uPeter Mofokeng engizwa ukuthi wenza kahle kakhulu," kusho uNgubane.