06 | Izindaba

Friday, 16 January 2026

Image

SEKUYINSAKAVUKELA umchilo wesidwaba ukuthi othisha abangaqashiwe, baqhinqe emahhovisi oMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Othisha abangatohozi baqhinqe emahhovisi omnyango wezemfundo


Abanye sekuphele iminyaka engaphezulu kweyisihlanu baqeda ukufunda, kodwa lutho ukuqashwa

Thandoluhle Ngubo

BANQUME ukuyoqhinqa ngaphandle kwekomkhulu lamahhovisi oMnyango wezeMfundo eMgungundlovu - kusukela kuvulwe izikole - njengendlela yokuzwakalisa usizi lwabo lweminyaka othisha baKwaZulu-Natal, abangasebenzi.

Lokhu kuvele engxoxweni yeLANGA Lempelasonto noNkz Nkosingiphile Xulu, ongusihlalo wenhlangano i-Unemployed Educators, oveze ukuthi banqume ukuyohlala ngaphandle kwalawa mahhovisi ngosuku okuvule ngalo othisha ezikoleni, futhi bazimisele ngokuhlala kuze kube umnyango ulalela izikhalo zabo.

"Ngesikhathi siqala ukuzohlala lapha, besiwu-36, njengamanje sesingaphezulu kancane kuka-60.

"Iningi lethu lineminyaka engaphezulu kwewu-5 laphothula ukufunda, kodwa kasikaze sisebenze. Mina nje, sekuphele iminyaka ewu-6 ngaphothula ukufunda.

"Siyafisa ukuba umnyango usiphendule ezikhalweni zethu," esho.

Image

Ukuqhinqa kothisha ngaphandle kwamahhovisi omnyango sekuyinto ejwayelekile, njengoba kuke kwenzeka izikhawu eziningi, ikakhulukazi ngonyaka odlule.

Umnyango wezemfundo esifundazweni, wathi ukuqhinqa kothisha ngaphandle kwamahhovisi awo kakunamthelela njengoba wona unemigudu efanele, okumele ilandelwe uma kuqashwa othisha.

Wathi uqasha othisha abasuke bedingeka ngaleso sikhathi. Ngonyaka odlule umnyango KwaZulu-Natal, wakhangisa izikhala, waqasha othisha abacela ku-2 000.

Kakubona kuphela othisha abangasebenzi abaqhinqa eMgungundlovu - okuyinhlokodolobha yeKwaZulu-Natal - njengoba nodokotela benza okufanayo, kanjalo nosekhemisi namanesi, kwazise cishe wonke amahhovisi amakhulu eminyango kahulumeni akuleli dolobha.