12| Izindaba
Friday, 16 January 2026
Ezempilo: noDkt Sibu Lubelwana
UKWEHLA kwesisindo somzimba kuza noshintsho oluningi emzimbeni, olunye olusuke lungalindelekile.
Njengoba isasasa lemithi yokulawula isifo sikashukela likhula ekwehliseni isisindo somzimba, lokhu kungadala noshintsho esithweni sangasese sowesifazane, olwaziwa ngele-ozempic vulva.
Igama le-ozempic, selicishe libe wundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana uma kuziwa ekwehliseni isisindo somzimba, nakuba zikhona nezinye izinhlobo zomjovo ofuze lona okubalwa kuyo iSaxenda, iWegovy neMounjaro.
Njengoba kukhula isasasa lale mijovo, iningi liyazibuza ukuthi ngabe kwenzakalani esithweni sangasese ngesikhathi kwehla isisindo somzimba.
Yini i-Ozempic Vulva?
I-Ozempic vulva kakusikho ukugula, kepha kusuke kuchazwa ushintsho oluba khona kwingaphandle lesitho sangasese ngemuva kokwehla kakhulu kwesisindo somzimba kusetshenziswa imithi yokulawula isifo sikashukela (type 2).
Le mithi isebenza njenge-hormone esiza ukulawula ukulamba noshukela osegazini, bese iholela ekutheni kwehle isisindo somzimba.
Kodwa-ke ngesikhathi sehla isisindo, kunokwenzeka uqaphele ushintsho emzimbeni nasezindaweni obungazilindele, okubalwa kuzo nesitho sangasese.
Yini edala lolu shintsho?
Amafutha ahlala emzimbeni wonke okubalwa nasesithweni sangasese ayasha. Uma isisindo somzimba sehla, namafutha ayehla kule ndawo.
Lokhu kungenza ingaphandle lesitho sangasese libukeke lizacile (leaner) futhi nesikhumba sibukeke silenga, sehlukile kunasekuqaleni.
Kabukho ubungozi obukhona, kepha kungethusa ikakhulukazi uma kuyinto obungayilindele.
Ngabe yinto ejwayelekile le?
Yebo, umzimba ushintsha ngezindlela eziningi lapho kwehla isisindo.
Kungakwenza uzizwe kanjani lokhu?
Ushintsho esithweni sangasese lungaletha imizwa eminingi, abanye besifazane bazizwa benokuzethemba ngendlela isitho esisuke sesime ngayo futhi sesisobala, abanye baba nokungabaza, babe novalo.
Konke lokho kuyinto ejwayelekile.
Ingxoxo ethinta isitho sangasese bekuyinto ekhulunyelwa phansi phambilini, kodwa ukuphumela obala kungakusiza uthole nokwesekwa uma uzizwa unokungakhululeki.
Kungakusiza ukukhuluma nodokotela wakho (gynaecologist).
NGUDKT Sibu Lubelwana ongudokotela wabesifazane, (gynaecologist).
Yini ongayenza uma uqaphela ushintsho?
Gcoba: Ukwehla kwesisindo somzimba nokusetshenziswa kweminye imithi, kungenza isikhumba sesitho sangasese some.
Ungasebenzisa okokugcoba okungenaphunga (fragrance free). Ngesikhathi sokuzijabulisa nophathina wakho, qinisekisa ukuthi usebenzisa okokuthambisa (lubricants) okwenzelwe isitho sangasese.
Yidla okunempilo: Ukudla okunempilo okunothe ngama-vitamin, amafutha anempilo, ama-minerals no-vitamin E, kungenza isikhumba sibuyele ebusheni baso (elasticity).
Nokuphuza amanzi kubaluleke kakhulu, isikhumba somuntu ophuza amanzi sibukeka sinempilo, futhi sichachambile.
Vocavoca isingezansi:
Bonana nodokotela wabesifazane, lokhu kungakusiza ukuze uthole izimpendulo ngemibuzo onayo.
Dermal fillers: Lena kusuke kuyimijovo ejwayele ukusetshenziswa ezihlathini, ezindebeni zomlomo nasemhlathini, ukwenzela ukuthi ubukeke ugcwele.
Iyakwazi nokusebenza esithweni sangasese, kodwa kwenziwa ngudokotela oqeqeshelwe lokho kuphela.
Labiaplasty: Lena yindlela yokushintsha usayizi nendlela isitho sangasese esibukeka ngayo (izindebe zaso), kusetshenziswa uhlobo oluthile lokuhlinzwa olwenziwa ngudokotela kuphela.
I-Ozempic vulva iyinto eyejwayelekile, futhi engesilo ihlazo. Okubalulekile wukuxoxisana nodokotela wakho wezabesifazane uma kukhona imibuzo onayo.
Khumbula ukwehla kwesisindo kuza noshintsho kuwo wonke umzimba, kubalwa nesitho sangasese.
www.aestheticappointment.co.za