21 | Ezemidlalo
Friday, 15 May 2026
Mzwamandla Zondi
SEKUNEZINGUQUKO ezintsha kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto lomhla ka-14 kuJune, isukela eThekwini, isongwe eMgungundlovu.
Umjaho wanonyaka uzokube ugijinywa ihlandla lika-99 selokhu wasungulwa ngo-1921 - nguVic Clapham - kanti ungenelwe ngabasubathi abawu-22 000.
Nyakenye iComrades Marathon Association (CMA) beyizehlukanise kathathu izigaba zokuqala zalapho bekusuka khona lo mjaho.
Isigaba sokuqala okuwu-batch A kuya ku-G, sizokuba nabagijimi abazoqala ngo-5 ekuseni, lapho okuzokube kukhona nezinkunzi okubhekwe ukuba zidle umhlanganiso kulo mjaho. Lesi sigaba singenelwe ngabasubathi abawu-9 952.
Okubalulekile okushiwo yiCMA wukuthi abasubathi asebegijime iComrades amahlandla awu-10 kuya kuphezulu (green number), bazoqala nabesigaba sokuqala.
Isigaba sesibili okuwu-batch H kuya ku-M, sizoqala ngo-05h15 kanti sinabasubathi abawu-6 704, bese kuba yisigaba sesithathu okuwu-batch N kuya ku-R ozoqala ngo-05h30.
USue Forge oyi-race director yalo mjaho, uthe ama-alphabet u-I no-O kabawafakanga ukuze abagijimi bangadideki ukuthi bangena ngakuphi.
Ngesikhathi kuvulwa imingenelo yalo mjaho nyakenye, kwabhalisa abasubathi abawu-22 000 kanti bawu-21 633 abaphumelele ukuthumela izikhathi zabo ngosuku abebebekelwe lona, lomhla ka-4 kuMay.
Kulo mjaho owu-85 777km nonyaka, kubhekwe uGerda Steyn wakuleli noPiet Wiersma waseNetherlands ukuba bavikele izicoco zabo uma kubhekwe eMgungundlovu.
UGerda - owenza kahle kulezi zinsuku - ubhekwe ngabomvu ukuqhubeka nomgqigqo wakhe wokwephula amarekhodi kulo mjaho njengoba kunguyena ophethe ele-up run eliwu-5:49:46 nele-down run, eliwu-5:44:54.
NGUTETE Dijana.
Elabesilisa liphethwe nguLeonid Shvestov waseRussia alenza ngo-2008, okuwu-5:24:49 kanti elehleyo liphethwe nguTete Dijana ngo-5:13:58.
UDijana -osubathela iHollywood Athletics Club - usewunqobe kathathu lo mjaho, kodwa akakaze aludle ubhedu kuwona uma kubhekwe eMgungundlovu.