19 | Ezemidlalo
Friday, 15 May 2026
NGU-OLWETHU Mzimela ongunozinti woSuthu othi kumele baqoqe amaphuzu agcwele kwiChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UYAZIQHENYA ngokuzuzwe ngamaZulu FC kule sizini uSandile Mthethwa oyisitobha sale kilabhu, ezotholana phezulu neKaizer Chiefs koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UMthethwa ubambe iqhaza elikhulu ekutheni le kilabhu iqede isizini ibalwa naphezulu kwi-log njengoba nakanjani izosonga isizini ingaphakathi ku-top 5.
Uthi yize bebe nesizini enhle futhi bengeke besakwazi ukugudluza iChiefs kunombolo 3, kodwa ngeke bazithele ngabandayo kulo mdlalo.
Ubonge nethuba alinikwe wuSuthu, njengoba lumthathe enyiwa yisikimu kwi-Orlando Pirates.
NGUSANDILE Mthethwa (okwesokudla) enozakwabo; uThapelo Mathloko (okwesobunxele) noMlondi Mbanjwa (ophakathi).
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi baphoxekile beshweba ukuqeda endaweni yesithathu kwi-log, obekuzobafaka kwiCaf Confederation Cup.
"Njengoba kungasekho nje okungaguqula lesi simo, sekufanele ukuba sigwinye itshe, sehlise umoya.
"Akekho esingamsola ngalesi simo ngoba abadlali bazamile kakhulu ekubeni iqembu lethu lithakwe kakhulu ngabadlali abaningi abasebancane, engikholwa wukuthi ngesizini ezayo bazokube sebenesipiliyoni esanele.
"Ngibe nesizini enhle, ngibonga abaphathi nabaqeqeshi ngokunginika ithuba ebengingalitholi kwiPirates," esho.
Unxuse abalandeli ukufika ngobuningi enkundleni ngesethembiso sokuthi bazobhema bakholwe.
U-Olwethu Mzimela ongunozinti kule kilabhu, uthi nakanjani kufanele baqoqe amaphuzu agcwele njengoba bezokube bedlalela ekhaya.
"Kufanele sinqobe kumnyama kubomvu kwiChiefs. Lo mdlalo ubalulekile kithina njengoba ungowokugcina wethu ekhaya," esho.