14 | Izindaba

Friday, 15 May 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Bathi ngeke bahlukaniswe wukugxekwa abashiyana ngeminyaka ewu-44.
Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

NGUNKZ Nokubonga Majola (24) noMnu Gugulakhe Thabethe (68), abayizithandani ebezenze umcimbi wokwembesana. Abantu baphawula izinto eziningi ngokushiyana kwabo ngeminyaka.

01


Mdu Zikode:

Indoda isize iba serious izochaza ngothando lwayo. Kujwayelekile enkolweni yabo ukuthi umkhwenyana abe mdala kunomamezala.

02


Ntombie Buthelezi:

Waze wamuhle umakoti. Ungabanaki abakhulumayo, okubalulekile nje wukukhulisa uthando lwenu.

03


Mdezi Mphikeleli Khoza:

Inkinga abantu bakhuluma kakhulu. Maniyeke abantu bathandane, nihlushwe yini uma emdala?

04


Mthabiseng Buthelezi:

Siyambongela uVezi omuhle. ❤️❤️ Muhle umakoti wakithi. Uma u-happy nje wena Gambu omuhle. Sizalwa namasoka koThabede vele. Ukuthi ubani uthini ngani, phumani kubona.

05


Nelisiwe Mthembu:

Kusho ukuthi unothile umkhwenyana.

06


Sakhile Mayisa:

Kulo mhlaba sesiphilela ukuchaza. Kulukhuni butho likaNdaba. 😂😂😂

07


Clementine Zondi:

Ningabanaki abantu, khohlwani yibona. Nibahle kabi futhi niyafanelana.👌 Nginifisela inhlanhla nezibusiso.

08


Nolwazy Mbele:

Mina ngiphume ngiphelile ezindabeni zabantu.🤣🤣🤣

09


Mzamo Media:

Uchazelani? Akakweleti muntu.

10


Slindile Precious:

 Wamlobola ngoMashi bakithi. 😂😂😂

11


Samu Samuke:

Nendlela yokugqoka uyabonakala umkhwenyana ukuthi mdala.

12


Sis Mpume Gigaba:

 Eyi angangimoshi umntanami njengoba ekhonza kule nkonzo, angibuyele nekhehla. 😭 Phela uma nginqaba kuyothiwa nginomona ngoba ngingaganile mina.

13


Nelisiwe Njoko:

UMa uyindoda kawuchazi kakhulu mkhaya. Vele uthule, nakhe umuzi wenu, niyeke laba abakhulumayo ngoba le ndlela ngeyenu nobabili.

14


Andile Mzobe:

Phumani ezindabeni zabantu. Okuhle kodwa emshadweni wenu bantabami. UNkulunkulu anivikele ningaphazanyiswa yizinto ezishiwo ngabantu. 😍

15


Hope Thandi:

Ubabu dokotela wenu akanampilo ebizayo, siyamazi thina ngqo.  Ukuphela nje uyiphanta too much.

16


Ndabe Mawandla:

 Masethembe akanazo izingane zabafana ezingangaye umakoti ngoba kuzoba nenkinga.

17


Bongani Manqele:

Khohlwa ngumuntu, zenzele into yakho nje ngoba umuntu uyohlezi ekhuluma. 😗✋

18


Mlekeleli Mbongise Madonsela:

Asikho isidingo sokuchazela umhlaba ngothando lwenu.

19


Benzy Memela:

 Laba bantu ba-happy uyazibonela.❤️

20


Fundiswa Nene:

 Manje umgaxeleni umtomdala?