07 | Ezikaqedisizungu

Friday, 15 May 2026

Image

Uthi uncengwe esecabanga ukumpeshena kwezokulingisa


Uzwakalise eyobunzima obubhekene neningi labalingisi

Thandi Zondi

ULINDA Sebezo (osezithombeni) ongomunye wabalingisi abanohlonze kubabukeli bakamabonakude eNingizimu Afrika, uthi uncengwe ukuba aqhubeke nalo msebenzi esethi uyayeka kwezokulingisa.

Lo mlingisi owaqala ukulingisa ngeminyaka yo-1980, uthi: "Kade ngibatshela ukuthi ngizobe ngihlanganisa iminyaka ewu-62 ngoNovember, ngicabanga ukuthi kumele ngihlale phansi manje.

"We! Bathi hha, ubani yena! Bathi angiqhubeke ngilingise kuze kufika la sengingaboni khona olayini bami, yibo abazongitshela okumele ngikusho. Lokho kusho ukuthi kusekude ngiyeke ukulingisa." 

Mayelana nezinselelo kulo mkhakha uthe: "Yebo zikhona lapha nalaphaya, kodwa yizinto engikwaziyo ukubhekana nazo, ngoba kangivukanga ekuseni ngithi ngifuna ukuyolingisa, kodwa yinto engikhule nayo iphila ngaphakathi, futhi engizalwe nayo." 

Image

Uzakhele ugazi emidlalweni okubalwa iLockdown, Isibaya, kwiGreed and Desire, kwiRockville neGaz' Lami.

Lo mlingisi uthi okumgcine isikhathi eside kule ndima - evelela kuze kube manje - wukuzinikela nokuhlonipha umsebenzi.

Mayelana nokuthi uzizwa kanjani ngokudlala indawo yowesifazane oyisigebengu kwiSitha: The Enemy, uthe: 
"Ngikhulele elokishini, ngiyahlala 'namajita'. Kulula ukungena kulezo zicathulo, futhi ngiyaziqhenya ngoba umhlaba usungowabesifazane manje, kumele siziveze nathi." 

Image

Ekhuluma ngokuthola kwalo mdlalo u-season 4, uthe lokho kukhombisa ukuthi abantu bayawuthanda, kwazise (umdlalo nomdlalo) isizini uyithola ngokwesekwa ngabantu.

"Imidlalo eminingi iyashesha ukuphela, kodwa thina sithole leli thuba, ngifisa sithole namanye ama-season amaningi.

"Siyabonga futhi siyajabula ngoba wumsebenzi lo kithina, iningi labalingisi libhekene nobunzima bokuthi kalisebenzi," esho.