05 | Izindaba

Friday, 15  May 2026

Ugixabezwe  ngodilikajele neminyaka ewu-5 owakhulelisa ingane yesinqandamathe 

Kuthiwa kwesinye isikhathi ingane wayeyidlwengula unina ekhona 

Ithumba labhotshozwa wukuthi isisulu singayithandi ingane yaso...

Image

Intatheli yeLANGA

UGWETSHWE udilikajele neminyaka eminhlanu ngaphezulu owesilisa waseMpangeni, obesephendule ingane yesinqandamathe sakhe isigqila socansi, waze wayikhulelisa.

INkantolo yesiFunda yaseMpangeni igwebe owesilisa oneminyaka ewu-32 udilikajele ngecala lokudlwengula, neminyaka ewu-5 ngecala lokunukubeza ngokocansi.

Kubikwa ukuthi lona wesilisa ongeke adalulwe ukuvikela isisulu, ubenobudlelwano bezothando nonina wengane futhi behlala ndawonye. Kuthiwa lezi zigameko zenzeka kusukela isisulu sineminyaka ewu 13, phakathi kuka-2020 no-2022.

Kuvele ukuthi ezinye izigameko lapho isisulu sasidlwengulwa khona zazenzeka unina ekhona, njengoba sagcina ngokukhulelwa,  sasuswa kubo sayohlaliswa noninakhulu.

Image

Kubikwa ukuthi umndeni wesisulu waqaphela ukuthi sasingayithandi ingane yaso, okwenza sahlaliswa phansi ukuze kuzwakale imbangela  yokungayithandi ingane yaso.

Kuthiwa sabhoboka lapho, saveza konke okwenzekile, ukuthi isoka likanina belisidlwengula, futhi yilona uyise wengane yaso. Umndeni wabikela amaphoyisa, zalikhalela isoka likanina wesisulu.

Isisulu sayiswa eThuthuzela Care Centre, eNgwelezane, kanti nonina waso waboshwa ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kodwa wabuye wadedelwa wangathweswa icala.

 Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, uMshushisi uMnu Edwina Du Plessis ubize isisulu, safakaza. Umshushisi wethule imiphumela yolibofuzo ekuqinisekisile ukuthi ummangalelwa nguyena uyise wengane.

Isisulu siveze enkantolo ukuthi lesi sigameko sasihlukumeza kakhulu. Ubabekazi wesisulu uthi njengoba sekuboshwe ummangalelwa, nguyena osesalelwe wukunakekela ingane nesisulu njengoba unina waso esashona.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA), uNatasha Ramkisson-Kara uthe bayasamukela lesi sigwebo.