04 | Izindaba
Friday, 15 May 2026
Le nsizwa ifike nonina obehlobe ngemvunulo, eyozibonela indodana yakhe igqoka ijazi
Ithi kuphumelele iphupho lokuqeda "umkhokha" wakubo wokungasiqedi isikole...
Yisitshudeni saseDurban University of Technology (DUT) uKhulekani Ndlela obegqoka ijazi lobuthishela, nonina uNkz Zandile Dladla.
Mthobisi Sithole
UFEZEKISE isithembiso asenza kunina sokuthi azinikele emfundweni emuva kokushona kukayise esesemabangeni emfundo aphansi, basala nosizi, uKhulekani Ndlela waseMsinga obethweswa iziqu zobuthishela eDurban University of Technology (DUT) ngoLwesibili.
Le nsizwa ifike nonina uNkz Zandile Dladla (54) obevunule, eyozibonela indodana yakhe ithweswa iziqu. Ezinganeni zakwabo ezintathu, uKhulekani nguyena kuphela oneziqu zemfundo ephakeme.
UKhulekani uthi bashonelwe nguyise yena efunda uGrade-11. Utshele ILANGA ukuthi uyise wayemgqugquzela ukuthi kufundwe ngoba ethi sebethembele kuyena ukuthi uyokwazi ukushintsha isimo sakwabo.
Uthi isifiso sakhe bekuwukuthi aqophe umlando ngokuthi abe ngowokuqala emndenini wakubo ofinyelela enyuvesi njengoba izingane zakwabo ezindala zingakwazanga ukufinyelela kulesi sigaba.
Uveze ukuthi isifiso sakhe ngesokuqeda "umkhokha" wakubo wokungafiki enyuvesi. Uthi ungufakazi wokuthi ukukhula kanzima, akuchazi ukuthi ngeke uyishintshe impilo yakini uma uzimisele emfundweni.
"Kufanele usebenzise ubuhlungu obuzwile empilweni, kube yibona obukhukuthazayo ukuba uyenze ibengcono impilo yakho nomndeni," esho.
UNkz Dladla uthe ngabe kungcono ukuba uyise kaKhulekani usekhona, ukuze abone kufezeka iphupho lendodana yabo.
"Okokuqala empilweni yami ukuthi nginyathele emagcekeni enyuvesi. Konke lokhu kwenzeke ngenxa yale ngane. Angikaze ngicabange ukuthi emndenini kuyoba khona isifundiswa. Ngesikhathi kushona uyise wale ngane, yangithembisa ukuthi izosebenza kanzima esikoleni ukuze ishintshe impilo yethu," kusho uNkz Dladla.
mthobisis@ilanganews.co.za