13 | Izindaba

Friday, 15 August 2025

Ishaye
Izule noZandile Tembe

Ezezimoto

Uzizwa unamandla nokuzethemba kwiGWM Tank 300

Iwumshini ozishintshayo kanti ungayishayela ngezindlela ezahlukene...

Image

 Yi-GWM Tank 300 engamfuni umshayeli ontengantengayo.

UZIZWA unamandla nokuzethemba, futhi uzibona uyisosha elingamela nanoma yiluphi uhlobo lwempi uma ushayela i-GWM Tank 300.

Bengiqala ukushayela uhlobo lwemoto olwakhelwe izintaba, yimifula namagquma njenge-GWM Tank 300, ngiyavuma futhi ukuthi lolu hlobo lwemoto lukunika lokhu okubonayo ngayo. Ayimfuni umshayeli ontengantengayo, kudinga uzethembe futhi ungasabi ukuyidudula lapho indawo oshayela kuyo ikunika izingqinamba.

Kulo mkhakha wama-off road SUV, i-Tank 300 ikukhombisile ukuthi ingamelana nalezo encintisana nazo.

Ngiyacabanga ukuthi iningi lethu libonile ukuthi lolu hlobo lwezimoto siqale ukuzibona zanda emgwaqweni kule minyaka emihlanu edlule. Kanti yizimoto ebesijwayele ukuzibona zihamba abantu abathanda ukuqwala izintaba nempilo yasezintabeni nasemigedeni.

Image

Engikuqaphelile ngokwanda kwalezi zimoto ezindaweni zasemadolobheni, wukushintsha kwempilo yabantu kule minyaka edlule. Ukuba nempilo ezinze emadolobheni, kuya kwehla ngokuhamba kwesikhathi. Iningi labantu seliphila impilo ephakathi kwedolobha nasemakhaya.

Basebenza emadolobheni kodwa bakhe imizi yabo ezindaweni ezingaphandle nezingenayo imigwaqo yetiyela (country-city life living). Lokhu sikubone kudlondlobala ngemuva kweCovid-19, nokuvuleleka kwezindlela zokusebenzela emakhaya ngezinye izinsuku, sibuye sisebenzele emahhovisi ngezinye.
Lokhu kube nomthelela nangapha kwezezimoto nezinqumo ngokuthengwa kohlobo lwemoto oluzohambisana nale mpilo.


Injini yayo ewu-2.4L Turbo diesel eyi-Luxury 4X4 ewumshini ozishintshayo we-4WD, ungayishayela ngezindlela ezahlukene, kuye nendawo nesimo somgwaqo okuwo; etiyeleni ungakhetha ku-Eco, Normal ne-Sport kanti emigwaqweni engenalo itiyela, ungakhetha igiya lodaka (mud), yisihlabathi (sand) nendawo enamatshe (rock) ngiyakuphakamisa ukuzinika ithuba lokuyizwa ukuthi ishayeleka kanje kuzo zonke lezi zimo ukuze uwabone kahle amandla ayo.


Angikuthokozelanga ukungabambi ngokushesha kwamabhreki ayo, kuyadinga ukulungiswa lokhu, ungathuki usubhreka ngenkomo emgwaqweni.

Image

Ukunethezeka kwayo ngaphakathi, ngeke uze usho ukuthi wuhlobo lwemoto eyakhelwe izintaba nemifula, basebenzise isikhumba esiphambili kanti nobuchwepheshe buyazisho ukuthi obamaShayina.

Ngiyakuncoma kakhulu ukonga kwayo noma kade uhamba ngayo obhuqwini nasezintabeni, benze kahle ngokuba
nekaphethilomu no-diesel. U-diesel uzothakaselwa kakhulu ngabathengi ngenxa yokonga kwayo kunekaphethilomu.

Image

Kungishayelise kanzima ikakhulukazi edolobheni ukusebenza kwe-steering sayo esikulawulayo lapho ungahambi kahle emzileni. Ikubuyisa mawala kanti izinkomba zokushintsha imizila zithatha isikhathi ukucisha, okungiqhathe nabanye abashayeli ngenxa yokungaqondakali kokuthi ngiya kwesokudla noma kwesokunxele.

Njengezimoto eziningi zesimanjemanje, uyakwazi ukuxhuma nanoma yiluphi uhlobo lukamakhalekhukhwini, nokushaja -(charge)  izingcingo ngaphandle kwekhebuli nezinye futhi ezidinga ikhebuli.

Ine-camera ekwazi ukuzungeza imoto ukuze ukwazi ukubona konke okukuzungezile, nalapho upaka imoto yakho.

Nge-GWM Tank 300 Super Luxury isuka kwinani lika-R699 900 kuthi ngokunyuka kwezinga layo ifike ku-R739 900, u-diesel izokudla amalitha awu-7.7 kumakhilomitha awu-100.