10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 15  August 2025


 Woza Nazo Mzala


Image

  Nina nidela umuntu esebizwa ngembhebhedla

IMPELA eMzansi Afrika kayikho into ongayenza ijabulise abantu, yingakho kukuhle ukwenza okujabulisa wena. Amawele asemculweni aziwa ngeMajor League, afake isithombe sawo esenciphile ngokwesisindo somzimba.

Cha, impela abebukeka kahle kunalokhu abeseyikho. Hhawu! Esikhundleni sokuthi abantu bancome kwazise nabezempilo bancoma ukuthi sinciphise amafutha, lamawele avele agconwa.

Phela akasalanga nangaphandle uDJ Shimza, nakuyena bakhuluma umathanda. Lalelani-ke, iyekeni lento yokufuna ukugamanxa kuma-weight abantu. Labantu banemali yabo, bayekeni bayisebenzise ngendlela abathanda ngayo. Phumani ngempela ezindabeni zabantu.


Image

   Umuntu ubizwe ukuyofulela, yena udiliza izindonga

KAWUCABANGE ubize umuntu ezofulela umuzi wakho, yena afike awushaye phansi, athi uzoqala konke phansi. Uqala phansi nje, akakwazi nokuxova usimende nokubeka isitini.

Kulabo abangakathayimi, uMzala ukhuluma ngomqeqeshi omusha we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou, odabuka eMorocco.

Le mambane isinyamanambana kubalandeli bezimnyama njengoba ivule ngesibhaxu kuyona yomibili imidlalo yokuqala yokuvula iligi.

Le ndoda ifike yashintsha isikimu sikaJose Riveiro ebesivutha singabaselwe ngesizini edlule. Kodwa-ke masethembe ukuthi maduze lizozwakala iphunga kuleso sitshulu osiphekayo mfo ka-Ouaddou, abalandeli bayafa yinkemane.


Image

  Yeka ukumdabukela kwethu usomabhizinisi!

 U-ANNIE Mthembu obeyinkosikazi kasomabhizinisi uKgolo Mthembu, uveze okushiye uMzala ekhexile ngesikhathi ethi lo somabhizinisi ubengawuhloniphi umshado wabo, elandela iziketi lapho zingakhona.

Phela uMzala ubeyidabukela kabi le nsizwa, kwabanye bekubukeka sengathi ishiywe yinkosikazi ngoba sekubheda ngakwezomnotho.

Hhawu kanti indaba inoziphu ongavaleki? Asibonge nokuthi ulivumile iqiniso uKgolo, wazisholo yena ukuthi akawuhloniphanga umshado wakhe futhi akawuvikelanga.

Asethembe ndoda ukuthi uzofunda emaphutheni akho, phela kayikho into edabukisa njengendoda eyimpohlwa ewubhidlize yona ngezandla zayo umshado ngoba ifuna ukuba yibhungu.