03 | Izindaba

Friday, 15 August 2025

Image

NGUMSAKAZI woKhozi FM, uNonhlanhla Mroza Buthelezi, osungule ilebuli yezimpahla iMroza Ree.

Ufisa kusizakale umphakathi ngelebuli yakhe

Ufikelwe wumqondo webhizinisi lale lebuli, efuna indlela yokuqhubeka nokusiza abeswele

Thandi Zondi

UTHANDO lokufukula umphakathi nokubona abesifazane bezibambela mathupha, kwenze umsakazi woKhozi FM, adle amathambo engqondo ukuthi yikuphi okunye okungalekelela kuleli phupho lakhe.

UNonhlanhla 'Mroza' Buthelezi osakaza iVuka Afrika Breakfast Show njalo ngoMsombuluko kuya koLwesihlanu, kusukela ngo-6 kuya 9 ekuseni, usesungule ilebuli yezimpahla zokugqoka ebizwa ngeMroza Ree, egxile ezimpahleni ezingagqokwa ngojahidada, yintsha nasebekhulile.

Image

Echazela ILANGA Lempelasonto uthe: "Ngingumuntu okukhonzile ukulekelela lapho ngingakwazi khona. Ngikholelwa nakakhulu kwezemfundo.

"Ngesikhathi ngisungula le lebuli, umqondo wami ubusekutheni njengoba nginenhlangano engenzi inzuzo, iThumumlilo, esiza izingane ngokwezemfundo nasemipha-kathi eswele, ngeke ngihlale ngicela ezinkampanini ezizimele ngaso sonke isikhathi. 

"Ngibe sengicabanga ukuthi yikuphi okunye okuyibhizinisi okungangisiza ekulekeleleni emphakathini," esho.

Uthi icebo lokungena ezimpahleni zokugqoka, lifike lapho. "Ngifisa ukuthi ingxenye ethile yemali ezobe ingena, ngiyidlulisele kwinhlangano ukuze sikwazi ukuqhubeka nokusiza umphakathi nabafundi, kutholakale imfundo, kusizakale nabadinga imifundaze," esho.

Le mfashini uthi ngeyawo wonke umuntu othanda ukubukeka kahle

UMroza uthi le lebuli ingeyabo bonke abazibiza ngomngani noma umlandeli wakhe.

"Ngaphandle kokuba ngumsakazi, kwabanye bangibona njengosisi, njengo-aunty noma njengomama. Ngeyalabo bantu abafisa ukuziyamanisa nento ethi Mroza ngezizathu zabo ezahlukene," esho.

Uthi yinto angeke ayiphike ukuthi uyakuthanda ukubukeka kahle, nakuba engesiyena usomafashini.

"Ngikholwa wukuthi sonke siyathanda ukubukeka kahle, futhi sibe nokuzethemba uma sigqokile. Inhloso yami enkulu bekuwukuqhamuka nokokugqoka okungadli ephaketheni.

"Le lebuli igxile ekubukekeni kahle, futhi usesitayeleni, kodwa ngamanani aphansi. Ngaphezu kwalokho, ngifuna kwabayigqokile babe nomuzwa wokuthi bangenza noma yini empilweni, inqobo uma kunokuzimisela," kuchaza uMroza.

Image

UMroza uthi ukungena kwezemfashini akusho ukuthi useyashenxa emsakazweni, kepha utshengisa ukubaluleka ngokungagxili emholweni owodwa.

"Esikhathini esiningi singabesifazane sinejoka lokunakekela imindeni. Kubalulekile ukuthi uma kukhona ithalente onalo, ulisebenzise. Kuyenzeka uthole ukuthi kawunangane, kodwa kunamalungu athile emndenini ancike kuwe.

"Kwesinye isikhathi kuba nzima ukuwanakekela ngomholo owodwa, yingakho ngithi uma ikhona indlela yokuphemba ibhizinisi, ungayiyeki." esho.

Ebhizinisini lokuthunga uqashe abesifazane, kanti naye uMroza uthi uyingxenye yethimba.

"Nami uma ngiphuma emsakazweni, ngiye ngifingqe imikhono, ngilekelele ukuze umsebenzi uye phambili. Isifiso sami esikhulu wukuthi ngibe nezitolo lapho ngizodayisa khona uma kuqhubeka isikhathi," ephetha.

Uthi ama-order aseqalile ukungena kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana. Izimpahla zizotholakala nakwi-online shop.