20 | Ezemidlalo

Friday, 14 November 2025

SewuseMabhida Stadium oweDurban City nePirates

Image
Abakubone bebhekene neChiefs yikhona okwenze bawuyisa kule nkundla noweBucs

NGU-FAROOK Kadodia ongusihlalo weDurban City.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

I-KAIZER Chiefs isonte ingalo iDurban City ukuba ishintshe umdlalo wayo ne-Orlando Pirates weBetway Premiership obekufanele ube seChatsworth Stadium, eThekwini, ngomhla ka-29 kwephezulu njengoba isiwuthuthele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IDurban City imemezele ngokusemthethweni ngoLwesine ukuthi lo mdlalo obekufanele ugijinyelwe eChatsworth Stadium, ngomhla ka-29 kwephezulu ngo-19h30, usuzokuba seMoses Mabhida Stadium ngosuku olufanayo ngo-15h30.

Ithi isizathu esenze yathatha lesi sinqumo, kungenxa yomdlalo ewugijime neKaizer Chiefs kuyona le nkundla ngenyanga edlule, lapho amathikithi ethengwe wonke, inkundla yagcwala phama.

Lo mdlalo ugcine uphela ngo-1-0 kunqoba iChiefs.

Kuzokhumbuleka ukuthi uqale sekudlule isikhathi ngenxa yokuthi inqwaba yabalandeli ibisengaphandle ngesikhathi obekufanele uqale ngaso.

Image

KUNGESIKHATHI iCity ibhekene neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UFarook "Ntshebe" Kadodia ongusihlalo weDurban City, ukuqinisekisile ukuthi abakubone kwenzeka emdlalweni wabo neChiefs yikhona okubaphoqe ukuba bawususe lo mdlalo eChatsworth, bawuyise eMoses Mabhida.

"Emuva kwendumezulu yomdlalo esibe nawo ngenyanga edlule inkundla igcwele phama, abalandeli bechwaza, besingeke sicabange kabili ukuthuthela nalo mdlalo eMoses Mabhida Stadium.

"Abalandeli bethu bafanelwe yizinto ezinkulu. IMoses Mabhida Stadium iyinkundla enomlando, hhayi eThekwini nje kuphela, eNingizumu Afrika jikelele.

"Ukuyisa lo mdlalo kule nkundla kuyizinkomba zokuthi sibambisene nabalandeli bethu. Sizama ukwakha ubudlelwano nomphakathi, sifuna abantu babe ngofakazi, bazibonele le ndumezulu yomdlalo.

"Silindele umdlalo ozokuba uqhwiza umentshini ngalolu suku. Ngiyacela ukuba kulokhu siyipende iMoses Mabhida ngemibala yethu, siyifuqe ikilabhu ukuba iwunqobe lo mdlalo," kusho uKadodia.