14 |  Izindaba 

Friday, 14  November  2025

Imibono


Odabeni oluphume kw
iLANGA Lempelasonto oluthi:

USiya Mhlongo ulahlwe yicala lokushaya owesilisa owayeyisinqandamathe sakhe
baphawule kanje abafundi bethu:

Image

01


The Locust:

Wayeyisinqandamathe kanjani naye eyindoda? Ushaywe ngabaphansi..

02


Thobelani Massaro Ntuli:

Le lizwe lenu kangilazi. Indoda igojelwa yicala lokushaya enye indoda? Kahleni bo! Thina sikhule singcweka, kasikaze sabophisana. Ushaywa ngomunye umfana kawubuyiseli, kodwa uyombopha?

03


Lindokuhle Ntini:

Sathi sishela amantombazane uSiya wagijimisa amanye amadoda. Uvuna izithelo zakhe. Yeka madoda ngoba wayesalusakaza kahle kanje uhlelo. Ulibo Lokuqala..

04


Kwenza Mdletshe:

KwaZulu akashaywa umuntu eselele phansi. Indoda izofunda emaphutheni ayo, ivuke izithathe..

05


Thapelo Zondi:

Lo mbhemu owabopha uSiya wakwenza lokhu ukungcolisa igama lakhe, wafaka inhlabathi ephalishini lakhe. Le nto babengayilungisa ngomlomo iphele..

06


Buyi Mhlongo:

Kwaze kwabuhlungu ukuphela kwe-career yakho Njomane. Kodwa kangisaboni ukuthi wayeke wakuthanda yena lo mbhemu. Silimele kwayithina ebesikulandela ngoba bewuyiphathisiwe into yokuphilisa. Uma nje uke wavula umlomo, bekuphila abantu..

07


Khayelihle Lady-k Magwanyana:

Mmmhhhh hhayi kunzima. Kuyabasebenzela abanye, kodwa kwabanye idlozi liyaphika. Silimele Njomane singabalandeli bakho.

08


Siyabonga Mayaka:

Namanje ngisaphila ngamazwi akho athi, 'awukho umshikashika ongenanzuzo, ngiyaphumelela'. Nalesi simo sizodlula mfo kaNjomane.

09


Ñhlañhla Shañdü Añdíleh:

Yena uNjabulo akasamzweli ngani omunye umntwana, noma wayethunyiwe ukuzoqeda ngaye vele?

10


Nurse Tshabalala:

Yiqiniso ukuthi amadoda awaxoli. Ukuba bekungumuntu wesifazane, ngabe kade walicima icala.

11


Vuvu Phuzabebiphile Mgazi:

Uma ephuma ejele kuzomele athole umfazi, azale izingane njengendoda.

12


Sphephelo Gwala:

Hheyi yalibulala-ke ikusasa lakho Siya le ndoda, kodwa yona iyaqhubeka iyasebenza, iyaphila. Ukuba ngumawengane lo ngabe kade akuxolela, lasulwa leli cala. Inenhliziyo elukhuni lendoda.