15 | Izindaba

Friday, 14 August 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA 

Ummeli  wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, ufake isicelo sokuba lichithwe icala:

Image

NGUMFANAFUTHI Kunene owayengumphathi ka-Ayabonga Mjilo okwesokudla, isidumbu sakhe esatholakala esitamukokweni kade egcine ukubonakala noKunene, emcimbini wokuvala unyaka emsebenzini wabo.

01


Alex Van Der Walt:

Abameli kodwa madoda!

02


MJ Maduna Maduna:

Abalichithe bese umphakathi uzifakela eyayo inkantolo.

03


Noxolo Gugu KaNdinisa:

Uyabonakala nje ukuthi wakwenza. Lowo mmeli ubhema i-whoonga.

04


Themba Chris Msani:

Lowo mmeli uyagula ngekhanda.

05


Philanie Mchunu:

 Lowo mmeli ngathi zithi mzala.

06


Sbahle Teddy Khanyi:

 Kusho ukuthi umndeni mawudile naye, ngoba kusho ukuthi wabulala ikati.

07


Zamabhele Ntusi Majiya:

Uyahlanya. Ingane yomuntu engeke isabuya yona?
Vele wayibulala, umthetho mawudlale indima yawo.

08


Ntobeko Mthembu:

Yabona lo akadingi ijele, udinga umphakathi "umthandazele". 

09


Hlungwelihle Magadlela:

 Hhayi bo! Uyazizwa kahle?

10


Sifiso Zulu:

Akuboshwe kwayena lowo mmeli ndini.

11


Lindo Kuhle:

Ikilayenti. 😄😄