04 | Izindaba

Friday, 14 August 2026

Image

NGU-SFANELE 'Mzukulu' Zulu, othi usazolumemezela usuku okuzokwenziwa ngalo umcimbi wakhe.

UMzukulu uhoxise umcimbi wakhe ngenxa yokuvela kwesifo endimeni kamaskandi


Uthi kasibanga lula isinqumo sokuhlehlisa lo mcimbi, kodwa isimo besiphoqa


Thandi Zondi

KWENZEKE okungejwayelekile endimeni yomculo kamaskandi, uMzukulu ehlehlisa umcimbi wakhe sekusele izinsukwana, ngenxa yokushona kwelinye lamaciko.

UScebi, 'iNkosi Yamagcokama' Dlamini, obe sengozini yemoto eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku, ushone negidangoma lakhe, uSipho 'Gupta' Mchunu.

Lo mcimbi ubuzoba seBaxter Theatre Concert Hall, eCape Town. Ubuzothatha izinsuku ezimbili namhlanje ngoLwesihlanu ngomhla
ka-14, nakusasa ngomhla ka-15 ngoMgqibelo.

Image

Amathikithi osuku lokuqala abesethengwe aphela nya, awosuku lwesibili bese kusele ingcosana.

Lo mcimbi uyingxenye yomjikelezo weMzukulu Album Tour, evakashela amadolobha ahlukene.

USfanele 'Mzukulu' Zulu exoxa neLANGA Lempelasonto ngokuhlehla komcimbi, uthe: "Akuzange kube lula ukufinyelela kulesi sinqumo sokuhoxisa umcimbi, ikakhulukazi ngoba kusuke sekusebenze nemali ukuhlela yonke into.

"Ngenxa yesimo esibhekene naso endimeni kamaskandi, sibukile ukuthi kasikwazi ukuthi singajabulisa abalandeli, nabo abangajabule," esho.

Uthe basebenze kakhulu ngokubambisana noScebi eminyakeni eyedlule. Uthe ngokwesintu, bayakholelwa ekutheni ukufihla ithambo longasekho, kudinga inhlonipho nesizotha, yingakho bekungeke kube kuhle ukuqhubeka nomcimbi.

"Isinqumo sincike emkhakheni wonke. Ukubheka isimo esikhona nomuzwa okhona ezweni lonke, kusukela ebaculini kuya ebalandelini nakubathandi bomculo kamaskandi.

"Ngokubuka ezinkundleni zokuxhumana, ngisho uphosta, imizwa yabantu izisholo yona ukuthi sonke sisemanzini. Yingakho-ke sithathe isinqumo sokuthi sihoxe, okwethu kungalinda ngoba  akuphuthumi ngaleyo ndlela," esho.

Image

"Umcimbi kawuphelile, uma sekudlule umngcwabo sizomemezela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uzoba nini, ngeke kube wusuku oluqhele kakhulu," kuchaza uMzukulu.