02 | Izindaba

Friday, 14 August 2026

Ezifingqiwe

Image

Lizoqulwa ngo-October icala elibhekene noNkk Duduzile Zuma-Sambudla, lokuphehla udweshu ngezibhelu zango-2021

LIZOQULWA ngo-October nonyaka icala lokuphehla udlame ngezibhelu zika-2021, elibhekene nendodakazi yowayengumenga- meli wezwe uMnu Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla (osesithombeni).

UDuduzile ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine, lapho obekulindeleke khona ukuba kuqhubeke ukuqulwa kwamacala akhe amabili, okungelokuphehla udlame, nelokuvukela umbuso.

Kuthiwa uDuduzile wenza la macala esebenzisa inkundla yakhe yezokuxhumana iX, eyaziwa ngeTwitter, ukugqugquzela izakhamizi zakuleli ukuba ziqhubeke nezenzo zodlame ngesikhathi kuboshwe uyise, owalahlwa yicala lokudelela inkantolo.

Lezi zibhelu, zaqala ngomhla ka-9 kuya ku-18 kuJuly, zadlula nemiphefumulo yabantu ababalelwa ku-350, zadla uhulumeni imali ecela ku-R50 billion.


Image

Ungqongqoshe ukhala ngokwenyuka komthamo wezitshudeni ezidinga uxhaso lweNSFAS

UNGQONGQOSHE woMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu Buti Manamela (osesithombeni esingenhla), ukhombe ukunyuswa kwenani lezitshudeni ezingena ezikhungweni zemfundo ephakeme nokunganyuswa kwemali yokuzixhasa, njengembangela yokushodelwa yimali (shortfall) kwesikhwama esixhaswa abafundi abaswele, iNSFAS.

UManamela ukusho lokhu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo yikomidi elibhekelele umnyango wakhe ePhalamende ngoLwesithathu, ntambama.

Uthi kulo nyaka lesi sikhwama sishodelwe yimali enkulu kakhulu uma kuqhathaniswa nangonyaka owedlule.

Uthi lokhu kungenxa yokuthi umthamo wezitshudeni uyanda ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa uhulumeni kawuyinyusi imali yokuzixhasa.

"Inkinga akuyona eyokusetshenziswa kwemali ngendlela okungeyona, kodwa ngeyokuthi likhulu igebe eliphakathi kwenani lezitshudeni, nemali esinayo esikhwameni.

"Ngikholwa wukuthi kumele siyifakele izibuko le ndaba, ilungiswe kungaze konakale," esho.


Uthi kwakungcono phambilini, uKhongolose usabusa wodwa

UKHONGOLOSE uthi uhlose ukubusa wodwa komasipala ngemuva kokhetho lwalo nyaka, ngoba ukholwa wukuthi ukubusa ngokubambisana kwamaqembu ezombusazwe komasipala, yikhona okuyisizathu sokuthi imiphakathi ingahanjiselwa izidingo zayo.

Lokhu kuvezwe yilungu lesigungu esiphezulu saleli qembu, eliyiSekela likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Dickson Masemola.

UMasemola uthi ukubusa ngokubambisana kwamaqembu komasipala akuthelanga izithelo ezinhle kule minyaka ewu-10, eyedlule.

Uthi isimo sasingcono kakhulu leli qembu lisabusa lodwa, ikakhulukazi emadolobheni amakhulu iGoli neTheku.

Okushiwo nguMasemola kubukeka kungelula ukuthi kwenzeke, njengoba ucwaningo olwenziwa ngabacwaningi bezepolitiki abehlukene, luveza ukuthi kulolu khetho i-ANC izothola amavoti angaphansi kuka-35%.


UMnyango wezaseKhaya uthi uzoqinisa isandla ezisebenzini zawo, ukulwa nenkohlakalo

UMNYANGO wezaseKhaya uthi siqine kakhulu isandla ezisebenzini zalo mnyango ezitholakala zenze okuphambene nomthetho.

Lokhu kuvezwe ngungqongqoshe walo mnyango, uDkt Leon Schreiber, ngesikhathi ekhipha umbiko ngezinyathelo ezithathe- lwe izisebenzi zalo mnyango, ezitholakala namacala okubalwa kuwo awokudayiswa komazisi, ama-visa nama-passport.

USchreiber uthi kusuka ethathe izintambo kulo mnyango ngo-2024, sekuxoshwe izisebenzi eziwu-65, kwamiswa eziwu-16, kwagwetshwa eziwu-9.

"Akumile lapha, njengoba kukhona uphenyo esiluqhubayo ngokubambisana ne-SIU. Esikufunayo wukuthi ingabi khona inkohlakalo emnyangweni.

"Siyaqhubeka nemizamo yokulwa nobugebengu obenzeka emnyangweni. Omunye wale mizamo wukusebenzisana namabhange ekwenziweni komazisi ukuze izakhamizi zakuleli zingeke zihlangane nezisebenzi zomnyango.

"Enyangeni ephelile, izicelo zomazisi ezifakwe emnyangweni ziwu-503,425 kusetshenziswa amabhange," esho.