15 | Izindaba 

Friday, 13 March 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Kuchithwe izicelo zothisha abafuna ukusheshe bathathe impesheni beneminyaka esuka ku-55 kuya ku-59. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

NGUNOBHALA weSouth African Democratic Teachers Union
(Sadtu), KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza.

01


Mvelo Mthembu:
Ayikho imali, uhulumeni  kawunamali, bayeba.

02


Dumsile Mthiyane:

Bazohlalelani ngoba uGEPF uyayidla imali yabo? Mina nje eyami eyanyamalala wu-R200k.

03


Sbongiseni Meyiwa:

Bayabasiza. Bafuna ukuyoyidla namaZayi Zayi. Bese beyakhala, bathi baqoliwe.

04


Thokozani Nkosi:

 Zafa izingane zethu! Sezizofundiswa wothisha abangasafuni nokufundisa, yoooh.

05


Nokuthula Nih Hlongwa Sosibo:

Uyabona thina esesineminyakana sikwabasi, siyobonga siyitholile impesheni yethu.

06


Thobile Manqele:

Manje bafuna umuntu asebenze ngisho engasafuni?
Bengizovele ngi-absconde. Kumnandi yini ukusebenza ungasathandi?

07


Polo Fuze:

Ngeke siphinde siqashwe thina.

08


Mimie KaMandlovu Zikhali:

Bayasigulela! Siyahamba thina at 55. Bacabanga ukuthi sifana nabo njengoba begugela ePhalamende.

09


Tautona Ndumiso Ndaleka KaNgqengelele:

Izingane zabantu zihleli emakhaya kodwa zenze i-teaching.

10


Lindani Mzukwase:

Le nto yothisha kumele ingenelwe ngisho wuNgizwe Mchunu. Bazofa yi-stress laba bantu.

11


Pinky Ngcobo:

Kunenqwaba yezingane ezifundele i-teaching, ezingawutholi umsebenzi. Mabayekwe bayophumula, kunikwe izingane ithuba.

12


Nomali MaShangase Shabane:

Abantu abazolimala yizingane ngoba ave ivilapha leyo genge ekule minyaka.

13


Mdokwe Sifiso:

Soyicela ivuthiwe njengoba kumnyana ebusweni benkawu.

14


Vusi Mahlobo Ntombela:

Angiyena uthisha, kodwa kufanele bavunyelwe othisha ukuthatha umhlalaphansi ku-55 years, ngoba lo msebenzi uphathisana ngekhanda.

Ufuna umqondo uhlale uxukuze-ka ekubeni nohlelo lwe-compensation while uthisha esebenza, alukho njenge-free medical aid, car allowance nokunye.

Akakwazi uthisha ukugibela i-taxi Monday to Sunday,  enza ama- extra classes mahhala.
Nani bothisha sengathi niyesaba ukufuna i-pension early, nisebenzise imfundo, ngoba abaholi benu ePhalamende niyabedlula ngemfundo.

15


Nontuthuko Mathuthu Mngadi:

Ngobani? 🤦🤦🤦
Mina sengikhathele kuyimanje. 🤦🤦🤦🤦🤦

16


Thanduxolo Shange:

I-KZN iphethwe ngabanye abantu abangasifuni.

17


Zinhle Manqele:

Yingakho bengasazifundisi izingane ngendlela efanele.

18


Muzi Ngcuks:

Bahlanyela othisha. 
Kwavalwa induku ezikoleni njengoba befundisa amahlongandlebe angezwa.
Lezi zinto zehlula oyise nonina emakhaya. Uthisha uyini-ke?