14 | IzindabaΒ
Friday,Β 13 March 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Kugcagcwe kwembulwa kwembeswa kumkhwenyana esibhedlela. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGAMAWELE uMnu Nkazimulo noNkz Khanyisile Mthembu, abebemisene
esigcawini kugcagcwa umkhwenyana uMnu Xolani Gcwensa, engekho, esesibhedlela emuva kokusikwa yi-grinder ubuso nekhanda.
Sanele Zithulele:
Ugiye nge-drip. π
Mpumeh Lelow Cele:
Awuhlehli umakoti engadukile.
Khulekani Msibi:
Hhayi bo hawu! kahleni maZulu, kahleni bo.
Nikki Kama Bhedla Mlambo:
Uma bese lunqunyiwe usuku, kawuhlehli umshado.
Lungelo Mlindos Mlaba:
Sithi isiZulu "aluhlehli umakoti engadukile".
Xolani Msadafu Mtshali:
Kuyashisa, kuyabanda kumkhwenyana.
Phindile Phindi:
Akaphole bakithi umkhwenyana.
Chris Mlungisi Madlala:
Kuhlangene namafa. Kudala yayenzeka le nto.
Slondiwe Mvelase:
Ngake ngayibona ngo-see le nto. Wabhubha umuntu washiya izizumbulu, bafika oBen 5 balekelela yadliwa imali yaphela. ππππ
Nontuh KamaChibi Mngadi:
Manje anazi ngempela ukuthi kaluhlehli udwendwe?
Nosethu Thobza Mhlongo:
Hhayi kunzima bandla.
MJ Maduna Maduna:
Ubeno-RAF yini?
Mondli Mashiza:
Umshado awuhlehliswa ngisho kunesdumbu ekhaya, uyaqhubeka.