13 | Izindaba
Friday, 13 March 2026
Ikulungele nokuhamba ezindaweni eziyibhuqu
Ishay' izule noZandile Tembe
I-TOYOTA Hilux Legend 55 ikhishwe ngokukhethekile ukubungaza iminyaka ewu-55, yalolu hlobo lwamaveni.
Ngonyaka odlule enyangeni ka-August, abakwa-Toyota bethule ngokusemthe-thweni undabuzekwayo weveni kwabezindaba nabathengi.
Lokhu kulandela uhlelo lwale nkampani lokwethula uhlobo olusha lwe-Legend, njalo emuva kweminyaka eyisihlanu.
Nakuba ingahlukile kangako kwi-Legend 50, kuyabaluleka ukuthi i-Legend 55 igabise ngesitayela nokushayela okungadingi amandla atheni uma uyiqhathanisa naphambilini.
Okunye nge-Legend 55, wukuthi yandulela uhlobo olusha lwala maveni azophuma ku-2026, okulindeleke ukuthi aguquke kakhulu kwi- 8-generation Hilux (2015 platform).
I-Legend 55 ize nenjini enamandla, engamalitha awu-2.8 GD-6 turbodiesel, eqhulula u-150 kw no-500 Nm.
Kayivalwa ngoseyili, isebenzisa iRoller Shutter
Engikuthandile wukuthi yona kayivalwa ngoseyili ngemuva, isebenzisa i-Roller shutter, ethe ukuqina nephephile ezigebengwini nasekulinyazweni yizimo zezulu noma ukushayeka.
Ama-rim (esithombeni esingezansi), ayo ayabukeka futhi anesitayela.
I-entertainment ithe thuthu, ngenxa yezinga lobuchwepheshe obusetshenzisiwe.
Ukufakwa kwezipikha ze-JBL, kwenza ukuthokozele ukudlala umculo nokudlala okwehlukene emsakazweni.
Lokhu kwenza umuntu onjengami, ongachemile nohlobo lwezimoto ezingamaveni, akuthakasele lokhu, azizwe ekhululekile.
Emgwaqweni iyashelela i-Legend 55, ne-steering silula kunebengikulindele, okungenze ngashayela ngokuzethe-mba.
Iqiniso lithi amaveni alolu hlobo athathwa njengezimoto ezidinga amandla, nezifanelwe wumsebenzi onzima njengokuthwala izimpahla, imishini, iphinde ibe yimoto yasemasayithini.
LOLU hlobo lweveni lunobuchwepheshe obedlulele.
Izinzile emgwaqweni, kanti nakuba bengiyishayela ikakhulu endaweni yasedolobheni, ngihamba izindlela ezisheshayo, ngiyizwe ilala iphinde iqonde kalula emgwaqweni.
Ngike ngayishaya yazulela ezindaweni zasemakhaya lapho ebihamba khona obhuqwini nasematsheni, yilapho ngiwubone kahle umsebenzi wayo.
Uma ufuna ukuyizwa kahle le moto, hamba ngayo ngaphandle kwemigwa-qo yetiyela nalapho kade lina khona, uyakuqonda ukuthandwa kwayo, ikakhulukazi yizinsizwa.
Ngakudizili, i-Legend 55, idla amalitha awu-9 kumakhilomitha awu-100, kanti ungawadonsa amakhilomitha awu-
1 000 km ngethangi eligcwele mfi, bese uyishaya izule.
INEZIHLALO ezintofontofo le veni.
Njengombiko esiwukhiphe ngeledlule, isasasa nokudayisa kakhulu kwezimoto zamaveni, kuhambisana nokukhula kwamabhizinisi adinga ukusebenzisa lolu hlobo lwezimoto.
Inani layo lika-R935 900 lishayisa amakhala njengoba kulindeleke ukuba lisondelane kakhulu nele-GR Sport, ewuhlobo olusha.
Kuleli nani elibheke kwisigidi, uthola iwaranti yeminyaka ewu-3, noma amakhilomitha awu-100 000, namakhilomitha awu-90 000 esevisi yakwa-Toyota.
Isikhathi esisihlalile emakethe yezimoto, iyenza yethenjwe iLegend 55
Yize i-Legend 55 inamandla aqinile e-torque, yigama elithenjwayo ngenxa yesikhathi esisihlalile kwimakethe.
Le modeli kayilethanga izinguquko ezitheni kwezobuchwepheshe uma iqhathaniswa nama-Legend adlule.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho izimbangi zesizukulwane esisha, ziqhubeka nokuphakamisa izinga lobuchwepheshe nokunethezeka kulesi sigaba samaveni.
Kubathandi bama-Legend, i-55 bangayithatha njengemoto yegugu nokuthembeka kuhlobo lwemoto oluthandayo.