12 | Izindaba
Friday, 13Β March 2026
Kulobe:
uMenzi Jele
Ezempilo
Ukujuluka noma kubanda kukhomba inkinga emzimbeni
UMA ujuluka, kusuke kuphuma amanzi angcolile ngeziqu zoboya emzimbeni, okuyinto ejwayelekile. Uma kushisa kakhulu, umzimba uyawukhipha umjuluko, ngoba usuke udambisa izinga lokushisa emzimbeni.
Uma usugijime isikhathi eside, wahamba nebanga elide, noma uzivocavoca, umzimba uyawukhipha umjuluko, ngoba usuke udambisa izinga lokushisa elingaphakathi emzimbeni wakho.
Noma kunjalo, kukhona ukujuluka okufanele ukuqaphele, ngoba kuyinkomba yokuthi kukhona okungalungile ngaphakathi emzimbeni wakho.
Uma ujuluka ngokweqile (Hyperidrosis), yazi ukuthi lokhu kuyinkomba yokugula, ngakho bonana nodokotela noma nesikhungo sezempilo ngokushesha.
UNGABONA KANJANI UKUTHI UNE-HYPERIDROSIS? (UKUJULUKA NGOKWEQILE)
Ukujuluka ngokweqile kuyinkomba yesifo njengoba kunabantu abajuluka noma izulu liguqubele. Uma abanye abantu begodola, bezwa amakhaza, yena uvele ajuluke. Lokho kukhomba ukuthi kukhona okungalungile ngaphakathi emzimbeni.
Lokhu kuwukugula ngoba kusuke kukhona isifo esikhona ngaphakathi okungaba wumdlavuza, ingcindezi, ukhwantalala, noma isifo sikashukela.
Ukujuluka njalo ebusuku, kuyinkomba yesifo esikhona emzimbeni, ngoba ukujuluka kuhambisana nokushaya kwenhliziyo, nokusebenza kwezinso.
Kunabantu okuthi uma bethuke kakhulu, bajuluke. Abantu abanenhliziyo encane, abasheshe bacasuke (short tempered), bayajuluka uma sebethukuthele.
Uma ungakwelaphi ukujuluka ngokweqile, kungagcina sekukubangela izifo ezingamahlalakhona (chronic illnesses), angaba wumxhantela wezifo eziningi ezahlukene.
Uma kade ujima, uzivocavoca, gezisiza ngemuva kwalokho.
YINI EDALWA WUMJULUKO OWEQILE EMZIMBENI?
Uma uzizwa ujuluke ngokweqile, thola indawo enomthunzi, noma uvule i-fan, ushaywe wumoya. Wesule ngethawula umjuluko, hhayi ngethishu, bese ugeza ngemuva kwalokho.
Uma ujuluka kakhulu, zijwayeze ukugeza ngamanzi abandayo. Yazi ukuthi ukubhukuda, kwehlukile kunokugeza.Β Uma umjuluko ungawugezi, udala insila. Insila ivimba ukusebenza kweziqu zoboya emzimbeni, okungadala izifo.
Umuntu ojuluka kuze kweqe, uba nephunga elibi eligcina seliyiququ. Izimpahla zokugqoka, zomuntu ojuluka kakhulu, ziyanuka, ngakho kusemqoka ukuqaphela indlela ojuluka ngayo.
Β IZINDAWO EZIVAMA UKUJULUKA EMZIMBENI
ππΎ Amakhwapha.
ππΎ Izitho zangasese.
ππΎ Izinyawo ezifakwa ezicathulweni ezivalekile, engekho amasokisi.
ππΎ Isiphongo.
ππΎ Ikhanda.
ππΎ Intamo.
ππΎ Umgogodla.
βοΈ Ulwazi lucashunwe kwabe: Moyo Clinic Journal
menzi.jele@ilanganews.co.za.