11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 13 March 2026

Hhola MNTWANA!

     ❤️♥️ 💘 Inhliziyo ikhetha wena ndoni...

Image

Sengiqala ukukholwa ukuthi ikhona lento yokuthi kukhona abakhethiweyo bakaThixo. O-Gods favourite
i-struuuh
 🤞🏾🤞🏾. Sengichithe amahora amaningi ngibuka izithombe zakho nkosazane 😏 hhayi inhliziyo yami ayisenakho ukuthula. Hheyi! wakhiwe kahle mntanomuntu. 

Image

Bathi ntab' ezikude zingumasithela ngoba zingisithela wena ndoni yami. Uyabona le trend ethi, "if ubuhle
be-Afrika was a person", bekokhonjwa wena dali.

Image

Eyi! Wangikhumubuza le ngoma yeBiG Nuz esihloko esithi, "Vuma Ntombenhle." Kunomugqana lapho bethi awu isinqe sakhe... Uqedile ntomb' ungashongo lutho mama, uya-rephrezenta, uyimele le gender.

Image

Le ndoni nguKabzar iziteketisa ngelikaKked17, emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana. Yintokazi yase-Uganda le, izichaza njengomuntu ozithandela ukuthula. Engingakusho nje ukuthi, ngizokunikeza konke ukuthula okudingayo, inqobo nje uma sindawonye.