10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 13 March 2026

 Woza Nazo Mzala!

Zinqunywa amakhanda ziyekwe...

Image

Sesikulwele kangaka ntombi, inkinga isisele nathi

UMA kuthiwa ezababili kazingenwa, kusuke kushiwo indaba kaThobile MaKhumalo Mseleku nomyeni wakhe uMusa Mseleku.

He...he..he! Phela wonke umuntu ubesezimisele ukulwela le ntokazi, kukhalwa ngendlela umyeni wayo akhuluma kabuhlungu ngayo kuyona.

Hhayi umuntu uyajika! Uthi nje akaziboni ephuma kulo mshado, futhi yena uma engase anikwe elinye ithuba, angamshada okwesibili uMseleku.

Maye! Ngokukhuluma kwethu sizenza ama-activist kanti umuntu akanayo ngisho encu inkinga. Kodwa-ke lento icacisela uMzala ukuthi ezababili kazingenwa.

Image

Sengathi asemaningi kakhulu ama-reality shows 

SENGATHI ama-reality shows asethanda ukuba maningi kakhulu. Phela uMzala usanda kuzwa ukuthi umndeni kaBlondie Makhene usuzoba nohlelo lwawo nalo.

Hhayi kabi, kodwa kufika umbuzo owodwa nje. Ngaphandle kukaLatoya lo ongumlingisi, ubani omunye onesasasa laphaya?

Sengisho umuntu ongenza ukuthi sibuke loluya hlelo. Phela uBlondie wayedume kudala. Cha, singibajaji ukuthi nje uMzala uzama ukubuka ngeso likamoya hhayi lomona ukuthi kungabe kukhona yini okunoju kulowa mndeni.

Kulungile-ke sekobonwa sekuqoqwa.

Image

Ake ugcwalise iMabhida kukhona into egifuna ukuyibona...

NGEKE simdlele umona uBahubhe, ubahlanganisile abantu abaningi endaweni eminyene futhi bagcwala, nomcimbi wakhe ubuhlelekile.

Yabona-ke manje qhawe ukuze sibone ubunkunzi, awushone ngale ngemuva la kucula khona oMthandeni noKhuzani, ugcwalise khona bese siyakuvuma qhawe.

Siyezwa ukuthi naseWorkshop usuchithiwe ngenxa yabalandeli, kungenzeki-ke kodwa ukuthi ubala nalaba abasuke bedlula ngendlela.

Image

 🤔🤔 Nihlushwe yini? 

KODWA niyakuthanda ukukhuluma bakithi, tshelani uMzala ukuthi yini le enihlupha kangaka uma uRachel Kolisi ethi uzosigcina isibongo somyeni wakhe, uSiya Kolisi ngeke asishintshe?

Le ntokazi ithi ngeke ikwazi ukuba nesibongo esehlukile kunesezingane zayo. Kumanje ithi kunzima ngisho ihamba nazo, kwazise phela zinebala elimnyama, uma ingase ishintshe isibongo, kuzoba nzima kakhulu.

Hhayi kodwa nani bahlali niyakuthanda ukukhuluma, kunani uma esigcina isibongo sakwaKolisi? Uma ngabe ushade nomuntu owaziwayo ungasishintshelani, nasi nesakwaMandela sisetshenziswa yizizukulwana zakhona.

Musani ukuzenza sweet please!