08 | Izindaba
Friday, 13 March 2026
NGUMFUNDISI Thulasizwe Buthelezi ophethe iCOGTA eKZN, enesithangami nabezindaba kuchazwa ngomonakalo wezinhlekelele.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
Menzi Jele
Kukhalwa ngomonakalo odalwe yizinhlekelele eKZN
UNGQONQGOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthi izinhlekelele ezibekhona esifundazweni kusukela ngoDecember wangonyaka odlule, kuze kube nguMarch kulo nyaka, zedlule nemiphefumulo ewu-35.
Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba ebesise- eThekwini, ngoLwesine, ekuseni.
Phakathi kwezinhlekelele ezibekhona esifundazweni, kubalwa izikhukhula, imililo, abantu abemuka nemifula, iziphepho, nemibani yezulu.
Uthe yize umnyango wakhe ukhipha amathimba abatakuli uma kunezinhlekelele, abantu mabalalele uma bexwayiswa ngobungozi obuzodaleka ngenxa yesimo sezulu esingesihle.
"Izifunda ezikhahlanyezwe yizinhlekelele yiTheku, uMgungndlovu, iLembe, aMajuba, uMzinyathi, neZululand.
"Sihlangane namakhosi, izimeya zomasipala nabezifunda, sizobheka ukuthi isimo sezinhlekelele, singahlengeka kanjani, ngoba yinto ezenzakalelayo lena, ayihlelwa ngabantu. Sisembhidlangweni wokugxumeka izikhonkwane zezulu kuzona zonke izifunda.
"EbaQulusini naseMadlangeni, umphezulu udlule nemiphefumulo emibili, kwathi eMdoni, wadlula nemithathu. EMsinga kusanda kwemuka nomfula iNadi, abantu abawu-6, oyedwa ongakatholakali, kanti kwaDukuza kushe izingane ezinhlanu ezincane," esho.
UMfundisi uButhelezi, uthe eThekwini bakhathazwe yizikhukhula nemililo ebiqubuka emijondolo.
"Siyasebenzisana noMasipala weTheku ukutholela abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula izindawo zokufihla amakhanda nezindlu.
"NoMnyango wezokuThutha, sakha amabhuloho okuwela abantu abahamba ngezinyawo, ngoba abamuka nemifula, basuke bezama ukuwela ngezinyawo.
"Njalo uma kunesabelomali, ikhona imali ebekwa eceleni yokubhekana nezinhlekelele. NoMnyango waKwaCOGTA kuZwelonke uyasilekelela," esho .
menzi.jele@ilanganews.co.za