15 | Izindaba

Friday, 13 February  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

AbaKhwanazi  bebeyoxolisa eNdlunkulu kaZulu. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

01


Ave Mvulana:

NGABE iNdlulamithi yashweleza yini kumkhulu uMntwana waKwaPhindangene ngokumbiza ngo-blatishid, yamshayela netafula (ngesandla), ngoba inhlonipho iza nxazonke.

Naye-ke oMkhulu makahloniphe isizwe soMnyamana, axolise ngoba akamkhulu kunabantu abaphethe.

02


Joeh Joeh:

SENGATHI ungahamba ngesizotha manje Mntwana kulolu daba lwakwaMpukunyoni, kalusafani ngesikhathi sikaMzokhulayo, nihamba ngemuva iSilo uMdlokombane ngodaba lwakwaMpukunyoni.

Sengathi manje ukudla kushintshile epuletini. 😃😃

03


Vela Mdletshe:

LABA bazifunela amaguqa nje onkabimalanga. 🤣🤣

04


Lizwikalindani Mzobe:

KODWA-ke lo mkhulumeli weSilo, ngimkhonzile nkosi yami, isisoka olwimini kuye kasipheli.
Ume njalo Mntwana.

05


Veli Nkwanyana:

NINA yini kodwa Mntwana eniyenzayo eqhatha abantu? Senoze nibagqishise okhohlo. Ubuxoki mabuphele, umholi abe neqiniso.
Siyacela kungaqhatheki abantu.

06


Zwelakhe Bonginkosi Qinisela:

KUSHO ukuthi ngeke esazivala izimayini.

07


Siyabonga Madoda Mdlalose:

AKUHLONISHWANE kwaphela. Omncane ahloniphe omkhulu, omkhulu ahloniphe omncane.

08


Thobza T Man:

KWAKUNGUTHISHA wami lona uMageba.

09


Brakeity Siwela Nkosi:

HLUKANANI notshwala, niphethe isizwe.

10


Mlungisi Buthelezi:

NDABEZITHA, Mageba siyabonga. 🙏

11


Mqondisi Mbhele:

NGUBANI kambe owayesuse udweshu?