13| Izindaba

Friday, 13 February   2026

Umthelela wezimoto ze-Hybrid kwimakethe yezezimoto


IShay' Izule: noZandile Tembe

 Baningi okumele bashintshe indlela yokucabanga ngalezi zimoto

Image

KUSAKUNINGI okumele kubhekisiswe lapho umthengi ecabanga ukuthenga imoto
eyi-hybrid.

Nakuba zingakajwayeleki kwabaningi izimoto ezihamba ngogesi, umqondo wokukhiqizwa kwezimoto ezihlanganise uphethiloli nogesi, kwenza abaningi bafunde okuningi, nokwenza kushintshe nendlela yokucabanga.

Kuningi esikubalulayo ngemfundiso entsha efika nohlobo lwezimoto zama-hybrid.

Masibheke izinto ezimbalwa okumele umshayeli aziqikelele:

Image

• Ixhala lokonga upheloli: Imoto ehamba ngogesi nophethiloli iyasivezela ukuthi ukonga uphethiloli ngokusizwa wugesi kwehlisa ixhala lokuhamba ubala amakhilomitha akusalele, ngaphambi kokuba uphelelwe wuphethiloli.

Isiqiniseko ngokuhamba nokubuya kukagesi: Izingqinamba zamandla kagesi awuhlupheki kakhulu ngazo uma unemoto ewuhlobo lwe-Plug-in Hybrids (PHEVs), ehlanganise nophethiloli, ngoba uyakwazi ukushintshanisa ukuyisebenzisa ngogesi nangophethiloli ngokuhambisana nesimo obhekene naso.
Ngakho ushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa.

• Uthola okuthe xaxa kuma-hybrid:
Lezi zimoto ezintsha, ikakhulukazi zemikhiqizo yako-China nase-Japan, zidlisela ezinye ogageni ngenxa yamanani azo, okwenza zincintisane nalezi esezijwayelekile, futhi zenza lolu hlobo lwezimoto luvuleleke nakunoma yiliphi iphakethe lomthengi.

Uma ubheka isasasa lezimoto ezifana neHaval, iChery neToyota, uyakuqonda okwenza abathengi bazigxumele njengoba ziqala ko-R600, 000, okuyinani elingaphansi kwezimoto ebezithathelwa phezulu phambilini.

Nakuba kukhona okuhle eziza nakho izimoto ezingama-hybrid, kukhona okwenza abathengi babe manqika, kanti lokhu kuyavela nakubadayisi bezimoto.

• Azinawo amandla, kanti zidla uphethiloli kakhulu emabangeni amade: nakuba ama-hybrid ehamba kahle kwisiminyaminya sasemigwaqeni yasemadolobheni, ohambweni olude zidla kakhulu kuphethiloli, ngenxa yokuthi ugesi awunawo amandla okumelana nendlela ende.

• Izindleko ze-service nokuyilungisa: ubucayi bokwakheka kwayo kwenza kube nzima ukuyilungisa nanoma yikuphi, ngoba idinga omakhenikha abayisipesheli, ababizayo, kanti bayingcosana eNingizimu Afrika.

Image

• Ukuthola i-battery entsha nokuguga kwayo: Inani lokushintsha i-battery yemoto eyi-hybrid limba eqolo, kanti kayihlali isikhathi eside uma uqhathanisa nama-battery ajwayelekile.

• Ziyingcosana izindawo zokushaja (Plug-in charging): Izimoto ezingama-PHEV kuphela, zisembalwa iziteshi zokuzishaja, kanti akusiwo wonke umuntu onendawo yokushajela ekhaya, kanti  namagalaji kawabonwa.

• Ukungabi nenani eliqondile lapho usufuna ukuyidayisa: Ngenxa yenani elingeliningi lalezi zimoto, kusenzima ukuqonda inani lokudayisela umshayeli olandelayo, okuyinto ebalulekile kubathengi bezimoto zaseMzansi. Kababaningi abazithembayo uma sezike zashayelwa phambilini (second hand).