03 | Izindaba

Friday, 13 February 2026

Image

 NguSimthande Myeza odumile ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yama-video akhe ahlekisayo.

  Wasunguleka 'ngenxa yomona ezinkundleni zokuxhumana' uMakaTha

  Uthi bakhona ababegxeka, kodwa abaningi batshengisa
ukuwuthakasela
umsebenzi wakhe...

 Thandoluhle Ngubo

UTHI wayisunguliswa ukubona "umona" wabantu ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi sokuthweswa kwemiyezane kwezitshudeni zase-UKZN, i-content kaMakaThangithini, uSimthande Myeza.

Lokhu kuvele ngesikhathi leli phephandaba linengxoxo noMyeza (29), odume ngelika- MakaTha, osezakhele udumo ezinkudleni zokuxhumana nakwezokulingisa njengoba elingisa emdlalweni okhonjiswa kwiSABC 1, uZalo.

Image

 USimthande ongowokudabuka kwesaKwaMagwaza, eNkandla, ulandise leli phephandaba ngokwakheka kukaMakaTha, athi waqala ukuvela ezinkundleni zokuxhumana ngo-2022.

"Ngo-2022 ngesikhathi sama-graduations ase-UKZN, kwaduma ezinkudleni zokuxhumana umfana wakwaNgobese, owayegqoke ngendlela engekho ezingeni lokuya kwi-graduation, wafike wakhala esegqokiswa.

"Lo mfana wagcina enikelelwe, watholelwa nomsebenzi. Ezinkudleni zokuxhumana bakhona ababephawula ngezinkulumo ezingezinhle, nezikhombisa umona. Yilapho engenza khona i-video yokuqala, ngizenza umuntu wesifazane wasemakhaya onomona.

"Leyo video yayikhuluma ngawo
ama-graduation, ngenzisa okukamama wasemakhaya onomona ngengane yasendaweni eseyifunde yaphumelela. Ngangijwayele ukwenza ama-video njengoba ngaqala ukuwenza ngesikhathi soKhuvethe kodwa le kaMakaTha, yenza kahle kakhulu.

Image

 "Bakhona ababeyigxeka kodwa abaningi bakhombisa ukuyithakasela,” echaza.

Uthi waqhubeka wenza amanye ama-video ewuMakaTha, akhombisa ukwenza kahle kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Uthi ukwenza kahle kwama-video kwamvulela iminyango eminingi, njengoba aqala ukumenywa emicimbini eminingi yamahlaya.

Utshele leli phephandaba ukuthi okumthokozise kakhulu, ukuvulelwa indawo emdlalweni kamabonakude, uZalo.

Image

 "Ukusabalala kwalesi siqephu kwenza ababhali nabaqondisi boZalo bathathe isinqumo sokungivulela indawo engiyilingisayo yomsizi wasendlini wesifazane,” esho.

Uthi ukulingisa kulo mdlalo kumkhulise kakhulu emkhakheni wezokulingisa, waveza ukuthi unethemba lokukhula kulo mkhakha.
ngubo@ilanganews.co.za