16 | Ezemidlalo
Friday, 12 September 2025
NGUMQEQESHI weStellies, uSteve Barker.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
USONGA ngokuqhatha i-Orlando Pirates nabalandeli bayo umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker.
IBucs izobhekana neStellies kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMbombela Stadium, eMpumalanga.
IStellies iya kulo mdlalo nje, izinhliziyo zisagaya izibozi njengoba la makilabhu ngesikhathi ebhekene kowamanqamu wawo lo mqhudelwano ngesizini edlule, (iStellies) ikhale ngokubanjwa inkunzi kubuka izwe lonke.
UBarker uthi kabakhohliwe ngokwenziwe yiBucs kubona, yingakho befuna ukuyiqhatha nabalandeli bayo njengoba sebephinde batholana kowamanqamu.
"Empeleni yibona abanengcindezi. Sebebajwayezile abalandeli babo ukuthi uma kuqala isizini babajabulisa ngale nkomishi.
Kulokhu sizobaqhatha nabalandeli babo ngoba sizokwenza isiqiniseko sokuthi sibuyela nayo eKapa le nkomishi.
"Okwenza ngikhulume kanjena, yindlela abafana bami abawulangazelele ngayo lo mdlalo, imimoya iphezulu, bafuna ukuziphindiselela," kusho uBarker.
NGABALANDELI beBucs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IPirates izoyigcina unomphelo le nkomishi uma iyinqoba ngoba kuzokube sekungokwesithathu kulandelana iqukula lena entsha.
Nendala isekhabetheni layo njengoba yayidla ngo-2022 ibhekene namaZulu FC eThekwini, okusho ukuthi uma inqoba ngoMgqibelo, kuzoba ngokwesine iminyaka ilandelana ukusuka ngo-2022.
IStellies ilwela ukuyinqoba okokuqala ngqa emlandweni wayo.