12  | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Kulobe:
uMakhosi Dube

Ezempilo

Ziyaqonga izigameko zeFilicide


Izinkinga zothando zibalwa njengenye yezimbangela ekubulaweni kwezingane ngabazizalayo 

Image

UMBHALI wencwadi ethi, “Son are you standing or hanging”, uNkk Fikile Magubane uthi uyehluleka wukuchaza ubuhlungu abuzwa ngesikhathi elahlekelwa yindodana yakhe, eyazikhunga. Uthi wubuhlungu angabufiseli noyedwa umzali.

Abesifazane bayaziwa ngokuba nezinseka, nozwelo ngisho kukhala ingane abangayizali basukuma bayisize, ngokungenambandela. Ubudlelwano babo nezingane bujulile njengoba ozithwele eqala ukuxhumana nomntwana engakafiki emhlabeni.

Emuva kobuhlungu obuchazwa nguNkk Magubane, pho yini eyenza kube ngomama abatholakala bengabasolwa emacaleni okufa kwezingane zabo okubizwa ngeFilicide?

Image

NguKelly Smith, kwesincane nguJoshlin Smith, onyamalele.

Uma ukhuluma ngoJoshlin Smith, cishe igama elisheshe lilandele ngelikanina uKelly Smith, uma ukhuluma ngoJayden Lee Meek umuntu osheshe umcabange ngunina uTiffany Meek.

Laba besifazane babuya kalula emiqondweni yabaningi, hhayi ngoba izingane zabo zingosaziwayo, kodwa yingoba bona bethinteka emacaleni okufa kwazo.


Zibukeka zinyuka mawala izibalo zabazali abasoconga izingane zabo njengoba ngoJulayi nonyaka ezinye zezindaba ebezihamba phambili, bekungezokubulawa kwezingane, zisocongwa ngonina, kumbe abazali bazo.

Image

Ngawo uJulayi kushaqeke abaningi owesifazane waseNgonyameni, eMlazi ebulala izingane zakhe ezimbili, uNqobizitha Thusini noNozibusiso Thusini.

Muva nje sithinte abaningi isigameko sokubulawa kukaBaby Nikita, wase-Eldorado Park, eGoli okuvela ukuthi ushaywe nguyise phambi kukanina, kwagcina ngokumenela esibhedlela.

Kanti eminyakeni edlule sacunula abaningi isenzo sowesifazane owafaka i-video kwiFacebook, eklinya ingane yakhe ngoba exabene noyise wayo.

ILANGA langoMsombuluko mhla ka-25-27, 2025 libike ngowesifazane obulale ingane yakhe uSimthandile Buthelezi (02) eyihlanganyela nesoka lakhe.

Iyini yona le Filicide?

IIFilicide ichazwa njengesenzo somzali obulala ingane yakhe engaphansi kweminyaka ewu-18 ngenhloso. Kuthiwa leli gama lisuselwa kwawesiLatin athi, Filius nelithi Filia okusho indodana kumbe indodakazi.

Yini edala abazali babulale izingane zabo?

Ucwaningo luthi izingane zibulalwa ngenxa yokuthi:

🤱🏾 Zisetshenziswa njengendlela yokulwa ezinkingeni zothando;
🤱🏾Ukukhulelwa okungahlelelwe;
🤱🏾 Ukuba nabazali abanezigulo zengqondo;
🤱🏾Yizingxabano emindenini;
🤱🏾 Ukuswela nenhlalo engenyinhle emakhaya
🤱🏾nokuhlukumezeka

Zithini izibalo?

Yize zingakakhishwa izibalo ezintsha zokubulawa kwezingane ngabazali zalo nyaka, kodwa kuvela ukuthi phakathi kukaJanuwari noMashi 2025 ziwu-273 izingane ezibulelwe.

Kukhalwa ngokuthi lezi izibalo zibuye zingabi nobuqiniso ngenxa yokuthi kazibikwa zonke izigameko emaphoyiseni.


Kuvela ukuthi i-Infanticide (ukubulawa kwezinsana) yikhona okuphezulu uma kuqhathaniswa nokubulawa kwezingane esezikhulakhulile.

Ikhona yini imikhankaso eqondene nezingane ngqo? 

Ikhona imikhankaso efundisa ngamalungelo nokuphepha kwezingane, ukuvikelwa kwezingane ekuxhashazweni nasodlameni.

🖊 Kuleyo mikhankaso singabala
iChild Protection Week/Month: eba ngoMeyi 29 kuya kuJuni 5; noma iGreen Ribbon Campaign;
🖊 I-Unicef’s Child Protection Week: Okuwumkhankaso womhlaba wonke ogqugquzela inkululeko nempilonhle yezingane;
🖊Yize ikhona le mikhankaso kodwa kayigqamile kakhulu njenge-16 Days of Activism Against Women and Child Abuse, eqala ngoNovemba 25 kuya ku-10 Disemba.

Image

Yini engenziwa ukunqanda lesi sihlava? 

Okugqamile uma kubikwa ngokubulawa kwezingane wukuthi umphakathi noma abaningi basuke bazi ngokuhlukumezeka kwazo kodwa bangabiki.

Kuvela ukuthi omakhelwane babelalele eshaywa uBaby Nikita, abanye baze baqopha nemisindo yokukhala kwakhe kodwa abamsizanga.

NoJoshlin Smith osanyamalele kuze kube yimanje, umngani kanina owagcina esengufakazi wombuso, wafakaza ukuthi wayazi ukuthi le ntombazanyana izodayiswa kodwa wangayisiza.

Kube ngesifanayo nakuJayden Lee Meek, omakhelwane bavela komabonakude bethi bebazi ukuthi lo mfana uyahlukumezeka kodwa abamsizanga.

✔️Abe-Unicef bathi yinkinga edinga ukuhlanganyelwa yimiphakathi ngokuceba noma ibikwe imindeni lapho izingane zihlukumezeka khona;
✔️ Wukufundiswa kwemiphakathi ngamalungelo ezingane;
✔️ Wukugqanyiswa kweminkhankaso eqondene nabantwana;
✔️Kutholelwe ababonakala benezigulo zengqondo usizo ukuze izingane zingabi sengcupheni yokulimala
✔️Wukusebenzisana nabezihlaka zezokuphepha nokuvikelwa kwezingane ukuze kusizwe imindeni ebonakala inenkinga
✔️Wukuba nezinhlelo emitholampilo naseziteshini zamaphoyisa ezingasheshe zize nosizo lapho kunenkinga
✔️Nokubambisana kwemindeni.