11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 12 September 2025
Wahloba kahle qhawekazi kuyinyanga yamagugu. Ngifuna ube nje nangamhla ugcagcela kwethu. Angilifuni iveyili, lizongisitha. Ngifuna kubuze umthetho esigcawini ntombi. Awu ungathi sengiyakubona usubhala ngobhozo phansi.
Leli lamba lidlile laziwa ngoSanchoka kodwa igama lalo langempela nguSurraiya Evarist Rimoy. Ngunontandakubukwa nosomabhizinisi waseTanzania lo. Uma bemteketisa bambiza "nge-African Queen of Curves" ngenxa yokuma kahle kwakhe. Le ntokazi iphinde imodele njengoba izithombe zayo zigcwele cishe kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.
Ntombi ngisalobela umengameli incwadi evulelekile ukuze angixhase ngama-Ankole amanti 🖐🏾. Nami ngifisa ukuliphephezelisa kahle ifulegi lakuleli emazweni njengomkhwenyana ongaswele. Ngiyakuvuma gojasi, awushodi ndawo.