10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 12 September 2025
HHAYI bandla! le ntokazi enguPenny Ntuli, ngiyayethweswa isicoco sokufequza, futhi kayibangiswa muntu kusona, futhi ime kahle injalo nje.
Kodwa-ke inkinga enkulu yile yokuthi uyodansela emgwaqweni onguthelawayeka. Hhayi munu, umuntu ophusile njengawe akenzi kanjeya.
UMzala usizwile isixoliso sakho, asethembe nabalandeli bakho bazokulalela njengoba besekukhona asebefuna ukwenza lo msangano obuwenza ube yi-challenge
KODWA iSouth Afrika isayoke imxolele uKelly Khumalo?
Le ntokazi ithe icela ukusizwa ngeminikelo ukuze kusizakale intombazane eya kwi-matric dance.
Esikhundleni sokuba banake abekusho, bavele bamthelekela ngokuthi uyogonyuluka nini ukuthi ngubani owabulala uyise wengane yakhe uSenzo Meyiwa.
Ngelinye ilanga mnta kaKhumalo kuyomele usixoxele siwumphakathi ukuthi kwenzekani, uphuze nje iwayini ulishayele ekhanda, bese uyasixoxela. Kahle-hle nonke enanikhona ngaloya mzuzu niyasikweleta.
IZIBOSHWA zaseMzansi ziyabusa impela, zithi zihleli ejele emajele kodwa zibe zifuna ukulawula ngaphandle.
Tshelani mina ngitshele abanye, ukuthi yini le uThabo Bester noNandipha Magudumana abacabanga ukuthi izovela esingayazi ngabo?
Phela sesiyazi vele ukuthi uBester nabalingani bakhe bashisa ingane yabantu ngenhloso yokweqa ejele.
Le ntokazi enguNandipha yayolanda isidumbu kwangathi esikaBester. Vele nje niyizilwane emehlweni abantu, akukho okufihlakele. Okucikayo ngalento wukuthi niyimigulukudu engawahloniphi amalungelo abanye, kepha nifuna kuhlonishwe awenu.