09 | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Image

NguModelikazi Nqobile Dlamini, owaziwayo ngokuhlanganisa indwangu noBrentwood.

 Zikhuphuka ngoshuni kaBrentwood izintokazi

Kanti ne-Omega kaziyishalazeli...

Makhosi Dube 

Phambilini uma kukhulunywa ngoBrentwood, bekusheshe kucace ukuthi kukhulunywa ngensizwa eyibhinca futhi bekuyinjwayelo ukuthi owugqokile awumatanise nesikibha se-mercerised, nesendela (sandal) le-Omega.

Image

Ngumculi uBig Zulu weNkabi Nation Records, owuqhakambisayo uBrentwood.

UBig Zulu noSjava bayingxenye yabantu abadumile abagqoka ngalolu hlobo.

Ububhinca sekuyinto esesitayeleni futhi esihlonishwa esikhathini samanje, njengoba phambilini buke babukeleka phansi.

Amabhinca alikhuphulile izinga, njengoba kucaca ukuthi afundile, aphila kahle futhi ayayithela imali ezintweni ezifaka wona okubalwa imicimbi, ingezo (imfashini) nabaculi bakamaskandi.


Ushuni kaBrentwood usungenisile nasezintokazini njengoba nazo zihloba ngawo.

Image

NguModelikazi othi uqale ukugqoka uBrentwood ngoba efuna okwahlukile Brentwood.

Leli phephandaba lixoxe noModelikazi Nqobile Dlamini, waseDumbe, owaziwayo ngokuhlanganisa indwangu noBrentwood.

Uthi uqale ukugqoka uBrentwood
ngo-2022. 

Image

Lesi siphalaphala sithi ukugqoka ngalolu hlobo kusivulele iminyango, sagcina sidonse amehlo enkampani yezinsizwa zaseWitbank, iKonkhe Kuhamba Kahle,  edlisayo kulezi zinsuku njengoba siyinxusa layo.

UModelikazi uthi ukuhlobanisa iBrentwood nemikhiqizo yale nkampani kuhehe abaningi, bayithanda ingezo yakhe nabanye besifazane bamlandela, bangena ekugqokeni leli bhulukwe.

Image

NguModelikazi oyinxusa leKonkhe Kuhamba Kahle ngenxa yokugqoka Brentwood.

Le ntokazi ithi ijwayele ukuchitha u-R1500,
u-R1700 noma u-R1800 ngoBrentwood owodwa. UModelikazi uthi vele ingezo kaBrentwood ibigqame kakhulu emakhaya uma obaba bejojile, yilapho bezidlana khona imilala kucace umakhonya.


Uthi yize engakaze ahlangane nabamgxekayo ngokugqoka kwakhe, kodwa uthi ezinkundleni zokuxhumana bakhona  abajikijela inkulumo enenhlabathi.


Ngaphandle kukaModelikazi, umculi ongaphansi kwesitebele Inkabi Nation Records kaBig Zulu, uLwah Ndlunkulu, useke wabonakala izikhashana eswenke ngoBrentwood.

Image

 Ngabaculi beNkabi Nation Records, uBig Zulu noLwah Ndlunkulu.

UMawhoo naye ongumculi yintokazi engawushalazeli uBrentwood.

Image

 Ngumculi ongaconsi phansi kwabaningi uMawhoo, naye egqoke owakhe uBrentwood, yisikibha se-mercerised nama-Omega.

Image

Nentokazi engumsakazi we-5 FM uLula oDiba (ongenhla) ibonakale emcimbini weMetro FM nonyaka ihlobe ngoBrentwood, yisikibha se-mercerised, nesigqoko, ekuchaze njengendlela yokuhlonipha uyise.

Image

Nama-sandal e-Omega phambilini abegqame kakhulu kwabesilisa, angenisa ngamandla kwabesifazane.

Yize selukhona uhlobo lwalezi zicathulo zabesifazane, kodwa bakhona abahloba ngalezi ezigqokwa ngabesilisa. Lolu hlobo lwesicathulo luyintandokazi njengoba selutholakala ngemibala ehlukene, egqamile.

Image