06 | Izindaba
Friday, 12 September 2025
Lucky Cain
USALE umangele, futhi udumele umsakazo ozimele ozinze KwaZulu-Natal, iGagasi FM ngesinqumo senkakha yomsakazi, uDJ Vumar, sokungaqhubeki nokushayela izinhlelo zakhe kulo msakazo.
UDJ Vumar ogamalakhe langempela nguVuma Buthelezi, ugcine esithathile isinqumo ngekusasa lakhe kulo msakazo, nakuba bese kunesikhathi kunezinkulumo ngokuqhu-beka kwakhe kwiGagasi.
Kuke kwavela imibiko ethi lo msakazi ubengaseneme kulo msakazo. Eminye imibiko iveze ukuthi ubizo lwakhe lokuba ngumfundisi yilona abesefuna ukugxila kulona ngokugcwele.
Ngemuva kwesikhathi kungacaci ngekusasa lakhe kulo msakazo, ugcine esithathile isinqumo sokuthi angabe esaba yingxenye yawo. UVumar ubeshayela izinhlelo iSunrise Session phakathi nezinsuku, nolwangoMgqibelo ebusuku olubizwa ngeDance Cabin.
Esitatimendeni esikhishwe yiGagasi FM, lo msakazo ubonge lo msakazi ngokuba yingxenye yawo isikhathi eside, esebenza ngokuzikhandla nangokuzimisela.
UDJ Vumar unebandla iHis Word Ministry International, angumfundisi kulona
"Egameni lesiteshi, sithanda ukufisela uDJ Vumar okuhle kodwa kwinqubekela phambili yakhe. Iphimbo lakhe lizohlala likhumbuleka," kusho u-Alex Mthiyane, oyi-Head of Audience Experience kulo msakazo.
Uqhube ngokuthi uthando lwakhe lokusakaza lumakhele igama kubalaleli baKwaZulu-Natal, okugcine sekumenza abe ngomunye wabahamba phambili kulo mkhakha.
UMthiyane uthi ngesikhathi uVumar efikelwa wubizo lokuba ngumfundisi, lo msakazo wamamukela ngokuthi umnike uhlelo lwezenkolo lwangeSonto, iSunday Gospel Show, waphinde wamnika nolwaphakathi nezinsuku, nalo olugxile kwezenkolo, iSunrise Session.
Iziqubulo zakhe kulezi zinhlelo ezikhuthaza ukunqoba, ziphenduke izimfivilithi kubalaleli. UMthiyane uchaze uVumar njengobehlale ezinikela, futhi ekukhuthalele ukungenela noma yimuphi umsakazi ongekho ohlelweni, futhi afike enze umsebenzi oncomekayo.
UVumar uqale kulo msakazo ngo-2012. Ubongile ngethuba alitholile lokuba yingxenye yawo.
"Ngingene kulo msakazo ngiseyibhungu, ngachitha iminyaka ngifunda ngaze ngaba nesipiliyoni.
"Abantu engihlangabezane nabo ngokomsebenzi, ozakwethu nabaphathi bami, bagcine bephenduka abangani bami, kanti abanye ngangibukela kubona," kusho uDJ Vumar.
Uthi ukucathuliswa noqeqesho aluthole kulo msakazo, ludlale indima emqoka empilweni yakhe.
Uthe iGagasi FM liyohlale njalo lisenhliziyweni yakhe, futhi uyoqhubeka nokulibeka emithandazweni yakhe.
UVumar owaqala ukuzakhela igama enguDJ wasezindaweni zokujuxuza, eklwebha amapuleti, usengumfundisi ngokugcwele.
Usenebandla lakhe elibizwa ngeHis Word Ministry International, elikhonzela esikoleni iDurban Primary School, eThekwini.
UVumar useke abonakale ekhulekela abantu nasezinkundleni zokuxhumana.