04 | Izindaba
Friday, 12 September 2025
NGUSOMIZI Mhlongo (ongowesithathu), emi nabagqoke izimpahla zelebuli yakhe, iSompire, azobonakala ekhangisa ngayo kwiDurban Fashion Fair, ezoba seThekwini, kuyo le nyanga.
Ingqephu kaSomizi izohambisana nesiqubulo asiqambe yena, esithi, "Amadlozi Akithi: My Ancestors".
Lucky Cain
KUFEZEKE isifiso, uSomizi Mhlongo ethola ithuba lokuba yingxenye yombukiso wemfashini waseThekwini, iDurban Fashion Fair, ezoqala mhla ka-17 ize iphothulwe ngomhla ka-19 kwephezulu, eDurban Exhibition Centre.
USomizi owethule ilebuli yakhe yengqephu iSompire Femme ngo-2023, uzobe eqala ukukhangisa ngayo emcimbini wombukiso wemfashini selokhu ayisungula.
Le ngqephu yaqala ngezimpahla zezingane, njengoba sekukhona neyabakhulile.
USomizi ongusaziwayo ongaconsi phansi eNingizimu Afrika, uzwakalise ukujabula ukuthola leli thuba lokuba yingxenye yalo mbukiso.
Uthi kusho lukhulu kuyena.
Uthi bekusenhliziyweni yakhe ukuba yingxenye yeDurban Fashion Fair, njengoba ethatha idolobha (iTheku) njengekhaya kuyena.
"EThekwini, KwaMashu, yilapho umndeni kababa wami odabuka khona, futhi namanje ngisenalo ikhaya KwaMashu. Ngakho inkaba yami ilele kulesi sifundazwe," kusho uSomizi.
Uthi ngesikhathi enza izifundo zemfashini, wazitshela ukuthi uma kwenzeka ethola ithuba lokukhangisa ngengqephu yakhe, kungamele aqale ngeDFF.
Ingqephu kaSomizi iqhakambisa ukuzethemba
Uthi uthando lwakhe lwemfashini lwaqala esafunda amabanga aphakeme, lapho ayevamise ukushintsha umfaniswano wesikole, awenze ubukeke ngendlela ehlukile kunezinye izingane.
Uchaze ingqephu yakhe njengesezingeni, futhi eqhakambisa ukuzethemba.
Uveze ukuthi ingqephu azokhangisa ngayo kulo mbukiso, izobe ihambisana nokuvula abantu amehlo, futhi igabe ngemithungo engajwayelekile, ehambisana nesiqubulo asiqambe yena esithi, "Amadlozi Akithi My Ancestors".
I-Durban Fashion Fair izovalwa
ngombukiso kaSomizi
USomizi udalule ukuthi unezinhlelo ezinkulu
ngelebuli yengqephu yakhe, njengoba okuseqhulwini kuyena wukwandisa eyabesilisa, nokuthi isabalale kwibalazwe lomhlaba.
Umbukiso weDFF walo nyaka ubophele abasiki bengqephu abawu-60, abahlanganisa asebeza-khele igama nalabo abasakhula, abayingxenye yeRising Stars of the Class of 2025.
Lo mbukiso uzovalwa ngengqephu kaSomizi ngomhla ka-19 kuSeptember-2025.
Kulo mbukiso kuzobe kunezitolo zokuthengisa ngezinye zezingqephu ezizokhangiswa kuwona.
Amathikithi okuba yingxenye yawo aseyatholakala eBoxer, Pick n Pay naseWebtickets.