11| Ezikaqedisizungu

Friday, 12 June 2026

 Hhola Mntwana!

Leli gama lakho elithi, Hope linginika ithemba ngekusasa lami nawe...golden delicious...❤️💖

Image

Ntombe' emhlophe wangikhumbuza leli aphula elikhethekile okuthiwa yi-golden delicious. Ngiyazibuza ukuthi amabhungu ashela kanjani uma kusekhona ophumalanga sikothe abanje. Ntokazi eyenza inhliziyo yami ishaye ngamandla, awungiboleke izinombolo zakho zikamakhalekhukhwini, ngifuna sidlale iWhatsApp.

Image

Lo nana nguNolwazi Hope Ngubeni, uziteketisa ngelithi "uyiBaddie yoMzulu". Yinkosazane enguDJ, hhayi nje ojwayelekile kodwa ithi idijeya kwi-international level. Idabuka Osizweni, eNewcastle, KwaZulu-Natal. Ngilithanda kakhulu leligama lakho likaHope, ngoba linginika ithemba ngekusasa lami, nawe. Okungichaza nakakhulu wukuthi cishe zonke izithombe zakho ezinkundleni zokuxhumana umboze lapha nalaphaya.  

Image

Ngingumuntu osheshe aphelelwe amagama uma ethokozile sibani senhliziyo yami, kungcono ngikuhlanganisele yona inkondlo mhlampe iyongikhulumela kangcono. Shukela wami asivele sixoxe lapha kuWhatsApp, sizokwazi nokuthumelelana onodolazana abanjengohathi ❤️