10 |  Ezikaqedisizungu

Friday, 12 June 2026

Image

Engakhali ifela embelekweni...

UYALUDINGA usizo u-Emtee, ezinoMzala ziyolokhu zishilo. Le ntwana muva nje idedele isitatimende sokuthi igunde izinwele ngenhloso yokuqala kabusha impilo yayo.

Lokhu kulandela umbhalo wayo wangesonto eledlule, lapho ibhale khona ukuthi inkosikazi wayo inobusathane ngoba ithathe iBhayibheli layo yalilahla.

Kayigcinanga lapho, ithi umkayo uyayishaya futhi useyishiye nezibazi ezinzima zeminyaka.
U-Emtee uthi udinga usizo, ngenelelani njengoba kuyiMen's Health Awareness Month.

Uncinzwa yini kangaka Gobela Womkhandlu?

Image

WEH bahlali anixoxele uMzala ukuthi yini le epringisa uMzamo owaziwa ngelikaMgilane? Le nsizwa kungathi ihlezi incinzwa amazeze, ayikwazi ukuma nje ithule, ikhulume ngomlomo kuphela.

UMzala usewabuke kaningi ama-video kaGobela Womkhandlu, akukho la ezothe khona. Kodwa-ke uwaphethe amagalelo omdanso Mgilane, sibonge nakuDJ Tira ukuthi akakuncishanga ithuba lokuphakama uma ebona ithalente onalo lomdanso.

Kodwa-ke umbuzo usamile, upringiswa yini?

Naze nanomona ngemizamo kaNomzamo?

Image

EWU ninawo kodwa umona eMzansi. Ngizwile senithi uNomzamo Mbatha ungomunye okumele aphenywe njengoba kade ekwi-F1 2026 Monaco Grand Prix.

Nithi nalaba abanye osaziwayo,
njengo-Amaqamatha (Amamkele Lithemba Qamata), naye kumele aphenywe ukuthi ubeyithathaphi imali engaka.

Hhawu bahlali, anoke nijabulele izingane eziphila i-soft life, akusiwo wonke umuntu one-blesser, ezinye izingane zisebenza kanzima la ngaphandle. Ngisho kungabe zinama-blesser, kulungile phela, abazidlele impilo ngemfoloko, ezinoMzala ziyogcina ngokusabawela nje.

Image