09 | Ezikaqedisizungu

Friday, 12 June 2026

Image

YIQEMBU lombhaqanga, oMkhaya, elizokube linomcimbi "wokuvusa" lo mculo ngoMsombuluko.

Basola imisakazo emikhulu ngokuwa kombhaqanga


Bahlele umcimbi wokuvusa lo mculo eMtshezi

Mthobisi Sithole

LIQALA umkhankaso wokubuyisela umbhaqanga ezinhliziyweni zabathandi bomculo iqembu lalo mculo elidabuka eMtshezi, elibizwa ngoMkhaya baseMtshezi.

Lo mkhankaso lithi liwuqala ngomcimbi obizwa ngoMkhaya Live Concert, ozobe use-Estcourt Town Hall, eMtshezi ngoMsombuluko.

Ngokusho kukaSphamanandla Vilakazi waleli qembu, sebehlela nemijikelezo yokuhambela izindawo eziningi, ukuze bawuqale phansi lo mculo, basebenzele ukuwafaka ebantwini.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kulo mcimbi bazobe becula zonke izingoma zabo, bukhoma.

"Umbhaqanga ufile ngenxa yabantu abasemandleni, esasibheke ukuthi bawuphakamise ezinhlakeni ezifanele, kodwa kakwenzeki lokho.

"Ngisola imisakazo emikhulu ngokuba nesandla ekulimaleni kwalo mculo, ngoba kawunikwa ithuba elifanayo neminye imiculo.

"Nasemicimbini emikhulu, ehlanganise abaculi, kukancane ukuba kumenywe iciko lombhaqanga. Kumele sisebenze kanzima ukuze kubonakele ukuthi uyaphila lo mculo," kusho uVilakazi.

Image

NGUMCULI kamaskandi, iNkosi Yamagcokama, ozobe eyingxenye yomcimbi woMkhaya.

Uveze ukuthi kabawavalelanga ngaphandle amaciko ezindawo zaseMtshezi.

Uthe bazothatha iciko elilodwa indawo nendawo; okubalwa iLoskop, iWembezi, iWeenen neNtabamhlophe.

"Sizonika ithuba amaciko awu-5 kuphela okwamanje, ukuze nawo athole ithuba lokugqama kahle ngoba uma esemaningi kakhulu, kuzokwenza ukuba ungabonakali umsebenzi wawo uma ezikhangisa," esho.

Uthe ziseningi izindawo abazozihambela, becula bukhoma.
“NgoDecember, sizoba nomunye umcimbi eMtshezi," esho.

Emcimbini wangoMsombuluko kuzongenwa ngo-R200, amathikithi azodayisa esangweni.

Kuzobe kunandisa namaciko kamaskandi; okubalwa kuwona uMbuzeni, iNkosi Yamagcokama noSukasambe.
mthobisis@ilanganews.co.za