08 | Izindaba

Friday, 13 June 2025

Image

NGUMNU Zamani Ximba, ofunwa uthuli ngamaphoyisa.

Umehlokaboni ka-R60 000 ngosolwa ngokubulala umholi we-IFP


Umsolwa kuthiwa  uyingozi, uhlale ehlomile

Mthobisi Sithole

SEKUKHISHWE umehlokaboni ka-R60 000 ozonikwa ozopotshozela amaphoyisa umkhondo ngowesilisa osolwa ngokudutshulwa kwesekela likasotswebhu we-IFP ephalamende, uMnu Khethamabala Sithole.

Le mali ikhishwe ngamaphoyisa aseGauteng, kozowasiza ukuze athole uZamani Ngila Ximba, ofunwa ngaleli cala.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo, uthi ngaphandle kwaleli cala lokubulawa kukaSithole, umsolwa ufunelwa nelokuzama ukubulala abantu ababili eBuyafuthi eHostel, eKatlehong, elenzeke ekupheleni kwenyanga edlule. Uveze ukuthi lo msolwa uyingozi kakhulu, uhlale ehlomile.

"Noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuze aboshwe, siyaqinisekisa ukuthi uzovikeleka," kusho uLt-Col Masondo.

Amaphoyisa athi onolwazi angaxhumana noMajor General Mbuso Khumalo ku: 082 555 8642 noma uKpt Abe Montoedi ku: 082 461 4794.

Image

NGUMNU Khethamabala Sithole, odutshulwe wabulawa eyoxazulula izinkinga ehostela.

USithole udutshulwe mhla ka-31 May eBuyafuthi, eyoxazulula izinkinga okubandakanyeka kuzona abantu baseNkandla, okubikwa ukuthi bayahlupha eGoli.

Ngesikhathi engcwatshwa ngempelasonto edlule, umndeni wakhe uthe uSithole ubizwe watshelwa ngendaba yabafana bakwaSithole, eQhudeni, okuthiwa bayinkathazo eGauteng, wabulawa kulowo mhlangano wokuyoxazulula.

Kulesi sigameko sekuboshwe abasolwa ababili.

Umngani omkhulu kaSithole, uMnu Mzobanzi Ntuli, uthe kuyishwa ukuthi umhlobo wakhe udutshulwe phambi kwamalungu e-IFP.

Umndeni wakwaSithole uthi kuyoba buhlungu uma ababulali bengabendawo azalelwe kuyona. 
Ukuvezile ngesikhathi engcwatshwa ukuthi ukufa kwakhe kakuhlangene nezepolitiki. Kuthiwa kuthinta izimpi zaseQhudeni.

Lezi zimpi ziqede inqwaba yabantu ngesibhamu, kusukela nyakenye, ikakhulukazi KwaNgqulu, eMsamo nasoBengwana - okuyizigodi zaseNkandla.
mthobisis@ilanganews.co.za