Izindaba | 12

Friday, 13 June 2025

Izindlela zokugwema isikhumba esomile ebusika

Ukusebenzisa izithambisi kuzokusebenzela

Thandi Zondi

UKUNGENA kobusika kusho ukuthi nendlela onakekela ngayo isikhumba kumele ishintshe.

Njengoba sazi ukuthi isikhumba siyoma, sidinga ukugcotshwa izinto ezikwazi ukubambelela esikhunjeni, kanti uma kusebusika sigqoka izimpahla eziningi, siphuze okushisayo, kodwa futhi lesi sikhathi siza nomoya owomile nokubanda, nezinselelo eziningi esikhunjeni.

Izindaba ezimnandi wukuthi isikhumba sakho singaqhubeka nokuchachamba ngokushintsha lapha nalaphaya.

UDkt Nokubonga Khoza, ongudokotela wesikhumba, uthi ubusika baseNingizimu Afrika kabubandi kangako, kodwa ukubanda kungaba nomphumela ongemuhle esikhunjeni.

Umoya obandayo, ukushisa kwasendlini kwama-heater/aircon, nokuba semoyeni, kuphuca isikhumba umswakamo nokwenza ukuthi some, sihlubuke bese siyazwela.
Ngenzansi uDkt Khoza uchaza ngokungakusiza.

ISIKHUMBA kumele sihlale sigcotshiwe ukuze sishelele.

Kungani ibala elinsundu lidinga ukunakekelwa?

Ibala elinothe nge-melanin okungelinsundu, kulula ukuvikeleka elangeni, futhi liyazwela esimeni sezulu esomile, ngoba lilahlekelwa kalula ngamanzi.

Lokhu kusho ukuthi ebusika isikhumba sakho singabhekana nobunzima bokwehluleka wukugcina umswakamo, okungaholela ekutheni sibukeke sigqwalile, futhi sizwele.

Ukushintsha indlela onakekela ngayo isikhumba, kusiza ekutheni sikwazi ukumumatha umswakamo, sivikeleke, futhi singazweli nakakhulu uma kungena ubusika.

Image

Ngabe unenkwethu noma isikhumba esomile?

Ukwebuza kwesikhumba ebusika akusikho ukoma nje. Uma uqaphela, isikhumba sebuza ngasemashiyeni, ekhaleni nalapho kuqala khona izinwele.
Kunokwenzeka ukuthi unenkinga yesikhumba ebizwa nge-Seborrhoeic dermatitis, ebuye ibizwe ngenkwethu yesikhumba.

Le nkinga kayihlobene nhlobo nokoma kwesikhumba, yona idalwa ngamagciwane akhula ngokweqile esikhunjeni, okulandelwa wukuba bomvu kwesikhumba noma ukuzwela kwaso, futhi kudingeka imithi ethile ukuze welapheke. Kanti isikhumba esomile sibonakala ngokuqina, sebuze futhi sigqwale, sibe ngcono uma sigcotshiwe.

Amandla esikhumba esiswakeme ngaphakathi nangaphandle wukugcobisa nje kuphela. Ukuphuza amanzi amaningi, ukudla okunothe ngo-Omega 3 njengokwatapheya (avocado) ne-salmon bese usebenzisa nokokugcobisa okunothile kungasenza sibe sihle isikhumba sakho.

Image


Izithako ezenza isikhumba sibe mnene futhi sithambe. Bheka okokugcobisa okune:
- Hyaluronic Acid – Ibamba umswakamo, iwugcine esikhunjeni;
- Ceramides – Avikela isikhumba, kungalahleki umswakamo;
- Shea Butter – Yenza isikhumba sithambe; 
- Glycerin – Isondeza amanzi esikhunjeni ukuze singomi.
Ukugcobisa okusakhilimu uma kusebusika kungavi-mbela ukuthi isikhumba some
Ukuthi kusebusika, lokho kakusho ukuthi kumele ungazivikeli elangeni, imisebe yelanga inamandla unyaka wonke

ENingizimu Afrika ukutholwa yilanga kungalimaza isikhumba ngisho izulu liguqubele, sibe nemibala engefani, sisheshe siguge. Ukusebenzisa i-sunscreen ewuSPF 30 noma ngaphezulu, kungakusiza.

Image