Izindaba | 04

Friday, 13 June  2025

ULINDANI 

MBENSE

Uthi kuningi asazokwenza...

Usegxile kwiziqophamlando owayengumethuli wezinhlelo zeTV


Uqokwe kwiSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards 


Lucky Cain

USEGXILE ekuqopheni iziqophamlando, imicimbi nemishado owayengumethuli wezinhlelo zikamabonakude nezemidlalo, uLindani Mbense, oqokwe emcimbini wokuklomelisa weSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, emunxeni weBest Documentary Feature Film.

UMbense umenyezelwe ngoLwesithathu ukuthi uqokiwe kulo mcimbi ngesikhathi kumenyezelwa abazodlana imilala ngomhla ka-19 kuJulayi nonyaka, emcimbini omkhulu ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.

Uqokwe ngesiqophamlando sakhe sokuqala asiqopha esikhuluma ngempilo yenkakha yezemidlalo yeshashalazi uMbongeni Ngema, ongasekho emhlabeni, esibizwa ngokuthi Dr Mbongeni Ngema: This Is My Story.

Image

UMbese Uqokwe nesiqophamlando esingempilo yenkakha  uMbongeni Ngema (engasekho).

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMbense uthe, lona bekuwumsebenzi wakhe wokuqala wesiqophamlando njengoba esewumqondisi wenkampani iNyathi Empires, eyenza imisebenzi eyahlukene ephathelene nokuqopha nokunye okuhambisana nakho.

"Ngizizwa ngithobekile ukuthi ngomsebenzi wami wokuqala, sengithola ukuqokwa kuma-award. Okwenza lokhu kube isipesheli, wukuthi isiqophamlando esikhuluma ngenkakha eyaziwa emazweni ahlukene ngomsebenzi wayo, ikakhulukazi ngeSarafina namanje okusakhulunywa ngayo eBroadway," kusho uMbense.

Uthe uqale ukusebenza kulesi siqophamlando ngo-2018 esadla anhlamvana uNgema, wamnika ithuba, bakwazi ukuxoxa ngempilo yakhe ukusuka nokuhlala.

Image

 Uveze ukuthi ziningi nezinye iziqophamlando ezisendleleni asebenza phezu kwazo, ezithinta abantu abadumile eMzansi.

"Okumqoka kuzona zonke iziqophamlando zami, ngifuna kube ngabanikazi bodaba abazikhulumela ngempilo yabo besaphila," esho.

UMbense uthe inkampani yakhe imatasa kakhulu, futhi kuningi nokunye ekuhlelayo okusazohlala obala, kodwa okwamanje usafuna ukukhula kwezokuqopha iziqophamlando.

"Okungimangazayo wukuthi ngiqale ngegiya eliphezulu, okusho khona ukuthi sekunengcindezi ngomsebenzi wami olandelayo," esho.

UMbense owayaziwa kakhulu ngokuba  ngumethuli wezinhlelo esiteshini sikamabonakude SABC 1 neSABC Sport, sekunesikhathi agcina ukubonakala kumabonakude njengoba esegxile ekusebenzeni ngemuva kwekhamera ngokusho kwakhe.