Izindaba | 02
Friday, 13 June 2025
I-House of Natural Butters (HNB), okuyinkampani eyenza izinhlobo ezehlukene zebhotela lamantongomane, isivumile ukuthi izoyikhokha inhlawulo ka-R500 000, ngemikhiqizo yayo enekhemikhali engadala umdlavuza.
Le nkampani, ehweba ngele-Eden All Butter, ibibhekene ngeziqu zamehlo neNational Consumer Commission, ngaphansi kweso lomxazululi iNational Consumer Tribunal.
Lokhu kuza ngemuva kokuba nyakenye izitolo ezinkulu iDis-Chem nePick 'n Pay, zimemezele ukususa emashalofini imikhiqizo ethile yebhotela lamantongomane, ngemuva kokuba kutholakale kuyona izinga eliphezulu le khemikhali i-aflatoxin, ekhiqizwa wukukhunta (fungus).
I-HNB itholwe inecala ngokulanda amantongomane nemikhiqizo yawo engalungile noma edlulelwe yisikhathi emazweni okubalwa kuwona iMalawi neZambia, maqede iyisabalalise eNingizimu Afrika. Ibisolwa nangokwehluleka ukulandela imigomo elawula ukungeniswa kwempahla ezweni (import).
SISHUKUMISE umhlaba wonke isibhicongo sokuphahlazeka kwendiza enkulukazi iBoeing 787-8 Dreamliner, izolo ngoLwesine, isanda kusuka esikhumulweni sezindiza i-Ahmedabad Airport,
e-India.
Ngokusho kweziphathimandla zakuleliya lizwe, le ndiza ebithwele abantu abawu-242, okubalwa kubona abashayeli ababili nezisebenzi eziyishumi, ibilibangise eGatwick Airport, eLondon, e-United Kingdom.
Kusabalale i-video ekhombisa le ndiza iphahlazeka, kugqamuka amalangabi. Kuphele usuku lwayizolo ngoLwesine, abezimo eziphuthumayo besazama ukutakula, kanti bekunokwesabela ukuthi kabekho abasindile kule ngozi.
BASHUMAYELE ivangeli lokubuyela emasisweni kusetshenziswe inhlabathi ngokuthi kulinywe ngenhloso yokuxosha ikati eziko emindenini eyahlukene KwaZulu-Natal, abaholi ababili abakwikhabhinethi yesifundazwe.
UNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa ongungqongqoshe woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweMiphakathi kulesi sifundazwe ubehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (abasesithombeni), bethule ogandaganda
abawu-24, abazosatshalaliswa ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe.
Kubuye kwethulwa nezimoto ezizosentshenziswa yizisebenzi zalo mnyango. Laba baholi bakhuthaze imiphakathi ukuba ibambisane nabaholi bendabuko ezindaweni zasemakhaya ukuze kuqinisekiswe ukuthi iyavikeleka ingqalasizinda eyethuliwe.
AZOTHATHELWA izinyathelo zomthetho amaphoyisa amabili aseJozini, abonakale ebamba ngesidlozana umfundi waseSnethezekile Combined School ngoLwesithathu.
Abafundi bakulesi sikole, abaseGugugulesizwe High School nabaseZibukweni High School bahlangane nengxenye yothisha bakulezi zikole nabazali, bangenela umbhikisho wokufuna izidingo zokuqhuba umsebenzi wezikole.
Kulo mbhikisho kubizwe amaphoyisa ngenhloso yokuba ayodambisa isimo.
"Bekungafanele amaphoyisa asine azibethele kule ngane yesikole, ngoba lapha eJozini sinezinkinga eziningi eziwehlulayo amaphoyisa," kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,
uLt-Colonel Robert Netshiunda uthe, azothathelwa izinyathelo amaphoyisa abonakale kule video. Uthe amaphoyisa aseJozini abophe abafundi abane abaneminyaka ephakathi kwewu-18 no-20 ngecala lokususa uthuthuva emphakathini.
KUSHONE elayizolo sihleli ku-57, isibalo sabadlule emhlabeni ngenxa yezikhukhula ezihlasele
e-Eastern Cape, nengxenye yaKwaZulu-Natal kusuka ngoMsombuluko ezintatha, kuya kuLwesithathu.
Lokhu kuvezwe nguMnu Velenkosini Hlabisa, ongungqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, ngoLwesine ngesikhathi ehola ithimba longqongqoshe ngokubambisana noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, ebelihlola umonkalo odaleke e-Eastern Cape.
UHlabisa uthi lesi sibalo kulindeleke ukuba sikhuphuke, njengoba kusekhona abantu abasadukile ngemuva kokumosheka kwemizi engaphezu kuka-2000, kulesiya sifundazwe.
UGwarube uthi umnyango wakhe uzohlehlisa zonke izivivinyo ekumele zibhalwe kuze kube isimo siba ngcono. Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuba uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa avakashele lesiya sifundazwe namuhla ngoLwesihlanu.