21 | Ezemidlalo
Friday, 12 December 2025
NGU-GABRIEL Jesus we-Arsenal ebubula ngenxa yezinhlungu emuva kokulimala bebhekene neBrighton and Hove Albion.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UJATSHULISWA wukuba qatha uGabriel Jesus waseBrazil, ongumdlali we-Arsenal yase-England, okhuze ibuya ngesikhathi ezakhe zehlula iClub Brugge yaseBelgium ngo-3-0 kowe-UEFA Champions League ngoLwesithathu ebusuku.
Kulo mdlalo bekubhoke uNoni Madueke - i-Arsenal emthathe kwiChelsea ngokuqala kwesizini - oshaye amagoli amabili. Elinye lishaywe nguGabriel Martinelli, ongumkhaya kaJesus.
Ngeledlule iGunners ihlulwe umdlalo wayo wesibili kwewu-15 yeligi esayigijimile. Iguqiswe yi-Aston Villa ngo-2-1.
"Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokubuyela kwami enkundleni emuva kokuhlala isikhathi eside ngingadlali.
"Ngiyazi abaningi bebebheke ukuthi ngishaye igoli, kodwa into ebalulekile wukuthi ngizizwa ngiwumqemane, futhi sengikulungele ukusiza ikilabhu yami yenze kahle," esho.
Lo mdlali walimala i-Arsenal ibhekene neBrighton and Hove Albion, mhla ka-8 kuJanuary wanonyaka.
Empeleni ukulimala kuvamile ukunyomfa izinhlelo zalo mdlali njengoba engayiqedanga imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeFifa ngo-2022, eQatar.
Walimala idolo iBrazil ibhekene neCameroon esigabeni samaqoqo.
NGABADLALI beWolves betshathe uzakwabo, uMarshall Munetsi waseZimbabwe, emuva kokushaya elinye lamagoli ale kilabhu. UMunetsi uzokube engekho kowe-Arsenal ngenxa yokulimala.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Emdlalweni olandelayo, i-Arsenal izobhekana neWolves ngoMgqibelo ngo-22h00.
IWolves kaziyihambeli kahle izinto njengoba isemsileni ngamaphuzu amabili, emidlalweni ewu-15.
Isiyonke imidlalo ye-English Premier League ngempelasonto ihlelwe kanje:
NGOMGQIBELO
Chelsea vs Everton 17h00.
Liverpool vs Brighton 17h00.
Burnley vs Fulham 19h30.
Arsenal vs Wolves 22h00.
NGESONTO
Crystal Palace vs Man City 16h00.
Sunderland vs Newcastle 16h00.
Forest vs Tottenham 16h00.
West Ham vs Aston Villa 16h00.
Brentford vs Leeds United 18h30.
NGOMSOMBULUKO
Man United vs Bournemouth 22h00.
*Eye-Championship
NAMUHLA NGOLWESIHLANU
West Brom vs Sheffield United 22h00.
NGOMGQIBELO
Norwich vs Southampton 14h30.
Oxford vs Preston 14h30.
Stoke City vs Swansea 14h30.
Wrexham vs Watford 17h00.
Coventry vs Bristol 17h00.
Birmingham vs Charlton 17h00.
Portsmouth vs Blackburn Rovers 17h00.
Milwall vs Hull City 17h00.
Middlesbrough vs QPR 17h00.
Leicester City vs Ipswich Town 17h00.
NGOMSOMBULUKO
Sheffield Wednesday vs Derby County 22h00.
*Eye-La Liga
NAMUHLA NGOLWESIHLANU
Real Sociedad vs Girona 22h00.
NGOMGQIBELO
Atletico Madrid vs Valencia 15h00.
Mallorca vs Elche 17h15.
Barcelona vs Osasuna 19h30.
Getafe vs Espanyol 22h00.
NGESONTO
Sevilla vs Oviedo 15h00.
Celta Vigo vs Athletic Club 17h15.
Levante vs Villarreal 19h30.
Alaves vs Real Madrid 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Rayo Vallecano vs Real Betis 22h00.
*Eye-Serie A
NAMUHLA NGOLWESIHLANU
Lecce vs Pisa 21h45.
NGOMGQIBELO
Torino vs Cremonese 16h00.
Parma vs Lazio 19h00.
Atalanta vs Cagliari 21h45.
NGESONTO
AC Milan vs Sassuolo 13h30.
Udinese vs Napoli 16h00.
Fiorentina vs Verona 16h00.
Genoa vs Inter Milan 19h00.
Bologna vs Juventus 21h45.
NGOMSOMBULUKO
Roma vs Como 21h45.
*EyeBundesliga yaseGermany
NAMUHLA NGOLWESIHLANU
Union Berlin vs Leipzig 21h30.
NGOMGQIBELO
Frankfurt vs Augsburg 16h30.
Monchengladbach vs Wolfsburg 16h30.
St Pauli vs Heidenheim 16h30.
Hoffenheim vs Hamburger SV 16h30.
Leverkusen vs Cologne 19h30.
Freiburg vs Dortmund 16h30.
Bayern Munich vs Mainz 18h30.
Werder vs Stuttgart 20h30.
*Eye-Ligi 1 yaseFrance
KUSASA NGOLWESIHLANU
Angers vs Nantes 21h45.
NGOMGQIBELO
Rennes vs Brest 18h00.
Metz vs PSG 20h00.
Paris vs Toulouse 22h05.
NGESONTO
Lyon vs Le Havre 16h00.
Strasbourg vs Lorient 18h15.
Lens vs Nice 18h15.
Auxerre vs Lille 18h15.
Marseille vs Monaco 21h45.
*Eye-Eredivisie
NGOMGQIBELO
Telstar vs NEC 17h30.
Groningen vs Volendam 19h45.
PSV vs Heracles 21h00.
PEC Zwole vs Fortuna Sittard 22h00.
NGESONTO
Sparta Rotterdam vs Heerenveen 13h15.
Ajax vs Feyernoord 15h30.
Twente vs Go Ahead Eagles 15h30.
NAC Breda vs Utrecht 17h45.
AZ Alkmaar vs Excelsior 17h45.