20 | Ezemidlalo
Friday, 12 December 2025
NGUKABELO Mulaudzi okulindeleke ukuba agile izimanga zanyakenye kulo mjaho.
Mzwamandla Zondi
IHLABANE ngabaxhasi abamqoka bakwaHeineken i-Absa Run Your City 10k egijinywa emadolobheni awu-5 amakhulu aseNingizimu Afrika.
I-Absa Run Your City 10K - ekhula ngesivinini - igijinywa eThekwini, eCape Town, eGqeberha, eGoli naseTshwane ngokwehlukana.
Ukukhula mawala kwalo mjaho kufakazelwa wukuthi umlenze ngamunye ungenelwa ngabasubathi abangaphezu kuka-10 000.
Ungomunye wemijaho ethandwa kakhulu kwezokugijima e-Afrika njengoba isingenelwa ngisho nangabasubathi bakwamanye amazwe.
Izindaba zokwesekwa yiHeineken kwalo mjaho ziqinisekiswe yisikhulu esiphezulu sakwaStillwater Sports, uMichael Meyer, okuyibona abahlela lo mjaho.
"Sijabule kakhulu ukujoyinwa ngabakwaHeineken. Okuhle ngalobu budlelwano wukuthi abakwa-Absa nabakwaHeineken banombono ofanayo, wokugqugquzela impilo emphakathini.
"Lobu budlelwano buzohlanganisa abagijimi, umphakathi, imindeni nabo bonke abantu base-Afrika, futhi kuzohlomulisa la madolobha okugijinywa kuwona. Buzokwenza imijaho ye-Absa Run Your City ivelele emadolobheni lapho igijinywa khona," kusho uMeyer.
NGU-MICHAEL Meyer oyisikhulu esiphezulu kwaStillwater Sports engabahleli be-Absa Run Your City 10K
Imilenze yalo mjaho isiza kakhulu nezifunda lapho igijinywa khona, njengoba nazo zithola enhle imali ngokuba khona kwayo, kwazise u-10% womgijimi ngamunye uya esizindeni esiphethe ezokugijima esifundazweni lapho kugijinywa khona.
I-Absa Run Your City 10K ikhokha enhle imali kwizingqwele, umlenze ngamunye, njengoba zigoduka no-R30 000 umlenze ngamunye.
Ngonyaka ozayo uzokube ebhekwe ngabomvu uKabelo 'Mr Podium' Mulaudzi ukuba aqhubeke nomgqiqo wakhe njengoba enqobe imilenze eminingi nyakenye.
Uhlu lwemijaho i-Absa Run Your City lumi kanje, mhla ka-1 kuMarch zizogadulisana eGqeberha, mhla ka-3 May (Cape Town), mhla ka-12 July (Durban), mhla ka-23 August (Tshwane), kuvale owaseJoburg mhla ka-24 kuSeptember.