15 | Izindaba
Friday, 05 December 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Uzibulele obulale intombi nabane, ecikwa yindaba yesonto. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Tammy Isaacs:
BEKUFANELE aqale ngokuzilengisa.
Shakes Mabheleni Shabangu:
INDABA yesonto iyanyanyisa vele. 😂😂😂
Xoli Zulu:
ABANTU bayathanda ukungena izinto abangazazi. Ubehlanganiswa yini nje nesonto umasaka?
Mzondwa Pat Singela:
BESE kuphoqa. Ibingekho enye indlela.
Hlekanenja Nhlosoyakhe Sibiya:
AYI lona liyasicika sonke isonto. Kodwa-ke yini engavelanga wazilengisa yena, ayeke abanye baqhubeke nesonto?
Londy Phakade:
YILIPHI leli sonto elimcasulayo manjena?
Mthobisi Samkelo:
ABANTU mabaphuze utshwala, bayeke imisangano. Usonta usontani uyindoda?
Siyabulela Athenkosi Mzeember:
YABONA indaba yesonto wudoti. Ngabe kungcono ukube akazibulalanga.
Mamuntule Magutshwa:
YIZINSUKU zokugcina inkosi impela!
Pope Ozibekile Enquthu:
OK limcikile isonto, uphi manje?
Thauza Lebena:
MINA ngaziqhelelanisa kudala nabantu abasontayo ngoba "abanye" babo abakuqedanga ukulunga.
Welcome Mbanjwa:
MANJE leli phephandaba lidalula ukuthi umlisa lo ubulale 5 wabantu?
Njengoba liveza ukuthi ubulale intombi yakhe nabane?
Sagat Alondwe Sfiso:
SHAME! Le nto iqala ekungazethembini ungumuntu. Nokuqamba amanga uthi akekho engimuthanda njengawe. Sengibona nje ngizibulalela umuntu wakomunye umuzi?