14 | Izindaba
Friday, 12 December 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
UKhuzani Mpungose wembese, wakhehla isinyenyela. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
S'thembiso Mthembu:
KUFANELE. Mkhulu lo muntu. Ezinye izinto kuyomsiza ukuthi azenze zibe-private.
Sakhile SV Khoza:
BATHINI ngezipheko zethu pho? 😂
Joel Mukelisani KaNkeneza Busane:
KANTI ifihlelwani le ntombi, noma ngeyomuntu thizeni?
Mpongo Mazwi WaseMkhuzeni:
UMA bekuno-baby mama obehlela okuthize, ugejile.
Buko Mchunu:
NENTOMBI kuthiwa ibone seyembeswa ukuthi kanti kuzoshada yona, ibingazi kwanto.
Chamane Owecebo:
INDODA iphila ngezinqumo zayo. Wenze akuthandayo nenhliziyo yakhe ngamandla akhe.
Nhlakanipho Nkomo:
USILE lo, uyayibona i-ghost.
Mthobisi S'lwane Somhlola Gasa:
WENQENA laba balandeli bakhe. Babezowenza owabo lo mkhehlo njengalo udwendwe abalenza olwabo.
Buhleh Maxaba:
SHAME sorry kulaba abebezimisele ngokuthi bazobe bekhona. 😂
Buti Phumoh Ngcobo:
UJOBE kodwa for sure ubekhona ngoba usibonile nesiNyenyela.🤣🤣
Fikile MaBthelezi Nzimande:
THINA balandeli bakhe besazi ukuthi vele amafoni abengangeni. Asikwazanga ukushutha.
Mhlengi Umkhov'odlehotela Ndlovu:
SIYAMBONGELA ngoba useze wamthola umfazi, yize kumthathe isikhathi boooh.
Cebo M Mthethwa:
NOMSHADO bekumele awenze isinyenyela.... 😂🤣
Sxova Mizi Mvelase:
KAZI uzomfihla kuphi lo makoti qhawe lami ngoba yona siyilindile le ndlovukazi yomaskandi sebephelele. ❤️❤️🤞🤞🤣
Sbonelo Phah Mdima:
AKUZONA zonke izinto okumele zaziwe wumphakathi. Okunye nje kumele kuphele kumnikazi.
Mdezi Mphikeleli Khoza:
UFIHLELWANI vele?
Thandoh Wamangiba Mabhodla:
BEBEFIHLELA abalandeli bakhe wuuuuuh.
Buzabona Buthelezi:
WENZE into enhle.